Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Umlunge Ngifisa ukunincoma ngesihloko esithi “Umlunge—Imbali Enhle Entekenteke.” (February 22, 2000) Ngiyajabula kakhulu lapho ngivakashelwa amalungu esonto lenu, nakuba ngingabaza ukuthi ngiyoke ngijoyine. Kodwa-ke, lesi sihloko salotshwa othile oyaziyo ngempela imilunge. Kuleli zwe elinezinkathazo, ukutshala imilunge kuyindlela enhle yokuphumula nokujabulela ukuphila.
C. M., United States
Ukuzibulala Uchungechunge oluthi “Obani Abasengozini Enkulu Yokuzibulala?” (February 22, 2000) lwayihlaba esikhonkosini. Umama washona ngokuzumayo ezinyangeni ezingu-8 ezidlule. Ubaba wayengekho lapho eshona, futhi uzizwa enecala. Uthi akasafuni ukuqhubeka ephila. Ngakho, lezi zihloko zangizuzisa kakhulu mina nobaba.
R. Z., Germany
Umkhulu wazibulala eminyakeni emibili edlule. Ngemva kokushona kukagogo, wagula ngengqondo. Izihloko zenu zangisiza ngaqonda ukuthi kungani mhlawumbe enza lokho akwenza.
A. M., United States
Ngo-January umfowethu oneminyaka engu-48 ubudala wazibulala. Ngosuku olulandela inkonzo yakhe yomngcwabo, ubaba, ongeyena omunye woFakazi BakaJehova, wathola le Phaphama! eposini. Wayemangele futhi ekhala lapho esibonisa yona. Umkhaya wakithi wakhala izinyembezi zenjabulo nokubonga ngalezi zihloko eziwuchungechunge eziduduzayo.
B. J., United States
Ezikoleni zesifunda sethu, kunezingane eziyisithupha eziye zazibulala kulo nyaka odlule. Lokhu kuye kwabangela ukukhathazeka okukhulu kangangokuba izikole kulesi sifunda zisungule izindlela zokuqapha ukuthambekela kokuzibulala ezikoleni. Lo magazini sawuhambisela abantu ezindaweni ezingavamile ukwamukela isigijimi sethu. Ngezinye izikhathi abantu babesiphuca wona lo magazini singakayiqedi nentshumayelo!
C. C., United States
Lapho ngisakhula, ngazama ukuzibulala kabili ngemva kokushona kukababa. Abanye bacabanga ukuthi igama elithi “ukuzibulala” liyahlazisa. Ngiyabonga ngokulifaka esembozweni se-Phaphama! Lezi zihloko ngazithola zingagwegwesi, zikhuluma iqiniso futhi zibonisa ukuqonda okukhulu.
M. G., France
Izinkinga Zabangane Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?” (February 22, 2000) sangisiza. Umngane wami omkhulu esesineminyaka eyisithupha nesigamu sazana wangiphatha kabi kakhulu. Ngokusebenzisa ukusikisela kwesihloko senu, mina nomngane wami salungisa izindaba ngesizotha nangokuthula. Ngenxa yalokho, sesingamathe nolimi.
M. L., United States
Umshumayeli Okhubazekile Isihloko esithi “Umbono Wethemba Naphezu Kokukhubazeka” (February 22, 2000) sangithinta inhliziyo ngempela. Ngisemusha, kodwa ngezinye izikhathi izinkinga zami zibonakala zingaphezu kwamandla. Indaba kaKonstantin Morozov yayikhuthaza kakhulu. Ngiyawazisa amazwi akhe athi: “Ngifuna ukuqhubeka [ngikhonza uJehova] uma nje inhliziyo yami isashaya.”
L. C., Italy
Nginezingane ezintathu, futhi ngenxa yokuthi umyeni wami akakholwa kanye nami, kumelwe ngizifundise ngokomoya. Kufanele ngisebenze nginakekele indlu, futhi ngezinye izikhathi kubonakala sengathi le mithwalo ingaphezu kwamandla ami. Isimo sengqondo esihle sikaKonstantin siyamangalisa! Ngiyabonga ngokunyathelisa indaba yakhe.
O. K., Russia