Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 2 k. 16
  • Ukuhlolisisa Ubudlelwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlolisisa Ubudlelwane
  • I-Phaphama!—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ENdiya
  • EDenmark
  • E-United States
  • Ukulungiselela Umshado Ophumelelayo
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Lithini IBhayibheli Ngokukipita?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Kuthiwani Ngokuhlala Ndawonye Ngaphambi Komshado?
    I-Phaphama!—2009
  • Lapho Umshado Usengcupheni Yokuchitheka
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 2 k. 16
Indoda ixabana nowesifazane

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Ubudlelwane

Uma kukhulunywa ngobudlelwane, ingabe iBhayibheli liyindawo yokuqala ongaya kuyo ukuze uthole iseluleko, noma mhlawumbe liyindawo yokugcina? Qhathanisa ukuhlakanipha kwalo okwalotshwa endulo nocwaningo lwamuva.

ENdiya

Intsha engamaphesenti angu-61 eneminyaka engu-18 kuya kwengu-25 ikholelwa ukuthi ukuya ocansini ungashadile “akuseyona into enkulu eNdiya,” ngokusho kocwaningo lwango-2014. Udokotela ohlala eMumbai watshela iphephandaba i-Hindustan Times ukuthi ngokombono wakhe, “lapho abasebasha beqala ukuthandana nothile akusho ukuthi basuke becabanga ngomshado. Kungakhathaliseki ukuthi bazithokozisa ubusuku obubodwa ngocansi, bathandanela ukuzijabulisa kuphela, noma bahlalisene, ukuzibophezela akuyona into esemqoka kubo.”

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe izifo ezithathelwana ngocansi kanye nokuhlukumezeka ngokomzwelo kuhlobene kakhulu nokuya ocansini ngaphambi komshado noma ngemva komshado?—1 Korinte 6:18.

EDenmark

Ukuba nezingxabano njalo namalungu omndeni kuhlotshaniswa nokuphindeka kabili kwamathuba okuba ufe uneminyaka ephakathi kuka-35 kuya ku-50. Abacwaningi baseNyuvesi yaseCopenhagen balandelela abantu abacishe babe ngu-10,000 abaneminyaka ephakathi kuka-35 kuya ku-50 esikhathini esingaphezu kweminyaka engu-11 futhi bathola ukuthi kulabo bantu, ababexabana njalo nomuntu abasondelene naye babesemathubeni amaningi okusheshe bafe kunalabo okwakwethukela bexabana nabanye. Umbhali walolo cwaningo uthi ukusingatha izinkathazo nezinto eziyizidingo kanye nokulawula izingxabano “kungabhekwa njengamasu abalulekile okunciphisa amathuba okusheshe ufe.”

IBHAYIBHELI LITHI: “Noma ubani ogodla amazwi akhe unolwazi, nomuntu onokuqonda unomoya ozolile.”—IzAga 17:27.

E-United States

Ngokusho kocwaningo lwamuva olwenziwa kwabasanda kushada abangu-564 eLouisiana, labo abahlukanayo baphinde babuyelane ngesikhathi besathandana, basemathubeni amaningi okuba bahlale ngokwahlukana isikhathi esithile kungakapheli ngisho neminyaka emihlanu beshadile. Baphinde bathambekele ekubeni nezingxabano eziningi futhi banganeliseki ngomshado wabo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye [emshadweni], makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela