Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 1/1 k. 18
  • UNkulunkulu Kuphela Ongasindisa Umhlaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Kuphela Ongasindisa Umhlaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Abantu Bazowonakalisa Ngokuphelele Umhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Umhlaba Wethu Ocekelwa Phansi—Ukuhlasela Kugadla Zonke Izindawo
    I-Phaphama!—1993
  • Umhlaba “Unemfiva”—Ingabe Likhona Ikhambi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 1/1 k. 18

UNkulunkulu Kuphela Ongasindisa Umhlaba

“IGUGU ELIKHAZIMULAYO ELILUHLAZA NOKUMHLOPHE.” Usomkhathi u-Edgar Mitchell wawuchaza kanjalo umhlaba wethu lapho ewubuka ewuqhathanisa nobumnyama bomkhathi.

UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu lapho elungiselela umhlaba njengekhaya lomuntu. Ukudalwa kwawo kwashukumisela izingelosi ukuba zimemeze ‘zihalalisa.’ (Jobe 38:7) Ngemva kokufunda ngezimangaliso zale mbulunga, nathi sinezizathu zokuhalalisa. Kunezimiso eziningi eziyinkimbinkimbi zezinto eziphilayo ezenza ukuphila kuchume emhlabeni. Esinye salezi zimiso ezaziwa kakhulu sinohlaza olusebenzisa ukukhanya kwelanga, isikhutha esisemoyeni namanzi ukuze senze ukudla. Le nqubo ikhiphela umoya-mpilo emkhathini—obalulekile ukuze siphile.

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu waphathisa umuntu umsebenzi wokunakekela umhlaba. (Genesise 1:28; 2:15) Kodwa ukuze isimiso semvelo somhlaba sihlale sisesimweni esifanele, umuntu kwakudingeka abe nesimo sengqondo esifanele. Empeleni, kwakudingeka ukuba alithande ikhaya lakhe elingumhlaba. Kwakufanele afune ukuligcina lisesimweni esihle. Kodwa umuntu wanikwa inkululeko yokuzikhethela, ngakho kwakunamathuba okuba akhethe ukuwonakalisa umhlaba futhi angawunakekeli. Futhi yilokho kanye aye wakwenza. Umphumela wokudebesela nokuhaha komuntu uye waba yinhlekelele.

Ake sibale ezinye zezinkinga eziye zaba khona: (1) Ukuqothulwa kwamahlathi kulimaza amandla omhlaba okumunca isikhutha, okubangela isimo sezulu eseqisayo. (2) Ukusetshenziswa ngokweqile kwezibulala-zinambuzane kubulala izinambuzane ezenza umsebenzi obalulekile emvelweni, kuhlanganise nokuthutha impova ezilimweni. (3) Ukudoba ngokweqile nokungcoliswa kwezilwandle nemifula kulinciphisa kakhulu inani lezinhlanzi. (4) Ukusetshenziswa kwemithombo yemvelo yomhlaba ngobugovu kushiya ingcosana kuphela ezosetshenziswa yizizukulwane ezilandelayo futhi kucatshangwa ukuthi kwandisa ukufudumala kwembulunga yonke. Ezinye izazi zokunakekelwa kwemvelo ziveza ukuncipha kwezinguzunga zeqhwa nokuncibilika kwazo e-Arctic nase-Antarctic njengobufakazi bokufudumala kwembulunga yonke.

Njengoba sibhekene nokwanda kwezinhlekelele zemvelo, abanye bangase bathi umhlaba uyazilwela, okubangela usizi kubantu. UNkulunkulu wasinika umhlaba mahhala. Empeleni, umuntu wanikezwa ilungelo lokuhlala kuwo mahhala. (Genesise 1:26-29) Kodwa izenzakalo zamanje zezwe zibonisa ukuthi abantu abaningi abanaso isifiso sokulondoloza ikhaya labo elihle elingumhlaba. Kunalokho, umuntu ugajwe yizifiso nezenzo zakhe zobugovu. Empeleni, uye wazibonakalisa eyisakhamuzi esibi—‘esichitha umhlaba,’ njengoba kwabikezelwa kusAmbulo 11:18.

Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uMdali wezimiso zemvelo ezisekela ukuphila emhlabeni, usenqumile ukuthi kuyofika isikhathi “sokuxosha” lezi zakhamuzi ezimbi. (Zefaniya 1:14; IsAmbulo 19:11-15) Ngaphambi kokuba umuntu awonakalise ngendlela engenakulungiseka umhlaba, uNkulunkulu uyothatha isinyathelo—ngokushesha kakhulu kunalokho esikucabangayo.a (Mathewu 24:44) Yebo, uNkulunkulu kuphela ongasindisa umhlaba.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphuthuma kwezikhathi, bheka incwajana ethi Hlalani Nilindile! enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela