Ingabe Bewazi?
Ingabe uPontiyu Pilatu wayenesizathu sokwesaba uKhesari?
Ukuze bacindezele uMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu ukuba abulale uJesu, abaholi bamaJuda bathi: “Uma umkhulula lo muntu, awuyena umngane kaKhesari.” (Johane 19:12) “UKhesari” okukhulunywa ngaye lapha kwakunguMbusi ongumRoma uTiberiyu. Ingabe uPilatu wayenesizathu sokumesaba lo Khesari?
Wayengumuntu onjani uTiberiyu Khesari? Iminyaka eminingi ngaphambi kokuqulwa kwecala likaJesu, kakade uTiberiyu ‘wayeseyindoda eyayibonakala inesithakazelo ekwaneliseni izifiso zayo futhi inezindlela ezikhohlakele kakhulu zokuzanelisa,’ kusho i-New Encyclopædia Britannica. Ukusangana kwakumshukumisela ukuba ahlukumeze futhi abulale noma ubani ayemsola ngokuba imbuka. Le ncwadi efanayo iyabika: “Uma kuyiqiniso lokho izazi-mlando zangaleso sikhathi ezikushoyo, indlela yokuzijabulisa ayeyithanda yayinesihluku futhi iyichilo. Ngisho noma sesizama ukukuthethelela lokhu, iqiniso liwukuthi wayebulala ngesihluku futhi engakhethi.”
Ngakho-ke, kungenzeka ukuthi idumela likaTiberiyu laba nethonya esinqumweni sikaPilatu sokuvuma ukucindezelwa abaholi bamaJuda nokukhipha kwakhe umyalo wokuba uJesu abulawe.—Johane 19:13-16.
Kungani uJesu ageza izinyawo zabaphostoli bakhe?
Kwa-Israyeli wasendulo, abantu abaningi abavamile babehamba ngezinyawo lapho benza imisebenzi yabo yansuku zonke. Labo ababegqoka izicathulo babegqoka izimbadada, ezazinengaphansi elinamabhande aboshelwa ezinyaweni nasemaqakaleni. Njengoba imigwaqo namasimu kwakunothuli noma udaka, izinyawo zabantu zazingcola nakanjani.
Ngakho-ke, kwakuyisiko ukuba umuntu akhumule izimbadada zakhe lapho engena endlini. Lapho isivakashi samukelwa, kwakufanele sigezwe izinyawo. Lo msebenzi wawenziwa umninindlu noma inceku. IBhayibheli likhuluma kaningana ngalo mkhuba owawuvamile. Ngokwesibonelo, u-Abrahama watshela izivakashi ezazifike etendeni lakhe: “Makuthathwe amanzi amancane nigezwe izinyawo. Khona-ke nihlale phansi komuthi. Futhi mangithole ucezu lwesinkwa, ngiqabule izinhliziyo zenu.”—Genesise 18:4, 5; 24:32; 1 Samuweli 25:41; Luka 7:37, 38, 44.
Le ndaba isisiza ukuba siqonde ukuthi kungani uJesu ageza izinyawo zabafundi bakhe ngePhasika lokugcina alidla nabo. Ngalobo busuku, kwakungenamninindlu noma inceku eyayizokwenza lo msebenzi, futhi kusobala ukuthi akekho kubafundi bakhe owavolontiya ukuwenza. Ngakho ngokuthatha indishi enamanzi nethawula, ageze futhi asule izinyawo zabaphostoli bakhe, uJesu wafundisa lawo madoda ukuba abe nothando futhi athobeke.—Johane 13:5-17.