Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-March
“Abantu abaningi bagubha usuku lokuzalwa kukaJesu, kodwa ingabe ucabanga ukuthi kubalulekile ukukhumbula ukufa kwakhe?” [Lindela impendulo.] Nika umninikhaya INqabayokulinda ka-March 1, bese nixoxa ngokwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esisekhasini 16 nifunde okungenani umBhalo owodwa. Hlela ukubuya ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda March 1
“Maningi amasonto futhi anezinkolelo nemikhuba ehlukahlukene. Ingabe ucabanga ukuthi bonke abantu abathi bangamaKristu bangamaKristu ngempela? [Lindela impendulo.] NgokukaJesu, nalu olunye lwezimpawu zamaKristu eqiniso. [Funda uJohane 13:34, 35.] Lo magazini ukhuluma ngezinto ezinhlanu ezashiwo uJesu ezisisiza ukuba sibone abalandeli bakhe beqiniso.”
Phaphama! March
“Sixoxa nomakhelwane ngomkhuba othile okhathazayo. Kubonakala sengathi abantu namuhla sebenolaka kakhulu futhi bayashesha ukuthukuthela. Ucabanga ukuthi iyini imbangela yalokhu? [Lindela impendulo.] Phawula okuthile okushiwo yiBhayibheli ngentukuthelo. [Funda iHubo 37:8.] Lo magazini uveza ezinye zezimbangela zokwanda kolaka kuhlanganise nezindlela esingalawula ngazo intukuthelo yethu.”