Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 5/1 k. 18
  • Lapho UJehova Ezichaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho UJehova Ezichaza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Funda Izindlela ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ubuntu BukaJehova Obuthandekayo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Ungubani UNkulunkulu Weqiniso?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • UMose—Indlela Ukuphila Kwakhe Okukuthinta Ngayo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 5/1 k. 18

Sondela KuNkulunkulu

Lapho UJehova Ezichaza

Eksodusi 34:6, 7

UNGAMCHAZA kanjani uNkulunkulu—ubuntu bakhe nezindlela zakhe? Ake uzicabange ucela uNkulunkulu ukuba akutshele ukuthi ungumuntu onjani bese umlalela ekuchazela izimfanelo zakhe. Umprofethi uMose waba nelungelo elinjalo. Siyajabula ngokuthi waphefumulelwa ukuba akubhale phansi lokho okwenzeka.

Esesiqongweni seNtaba iSinayi, uMose wanxusa uJehova: “Ngicela ungenze ngibone inkazimulo yakho.” (Eksodusi 33:18) Ngosuku olulandelayo, lo mprofethi waba nelungelo lokuyithi shazi inkazimulo kaNkulunkulu.a UMose akazange aningilize ngalokho akubona kulowo mbono omangalisayo. Kunalokho, wabhala into eyayibaluleke kakhulu—lokho uNkulunkulu akusho. Ake sihlole lokho uJehova akusho, njengoba kulotshwe ku-Eksodusi 34:6, 7.

Into yokuqala uJehova ayembulayo ngaye ukuthi ‘unesihe nomusa.’ (Ivesi 6) Isazi esithile seBhayibheli sithi igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘unesihe’ libonisa ‘isisa sikaNkulunkulu esifana naleso ubaba ongumuntu anaso ngabantwana bakhe.’ Igama elihunyushwe ngokuthi ‘unomusa’ lihlobene nesenzo ‘esichaza umuntu ovula inhliziyo yakhe ukuze anikeze usizo kumuntu oludingayo.’ Kusobala-ke ukuthi uJehova ufuna sazi ukuthi unakekela abakhulekeli bakhe ngendlela abazali abanakekela ngayo izingane zabo—ngothando olunesisa nangokukhathalela ngokujulile izidingo zazo.—IHubo 103:8, 13.

UJehova ube esethi ‘uyephuza ukuthukuthela.’ (Ivesi 6) Akasheshi ukuzithukuthelela izinceku zakhe ezisemhlabeni. Kunalokho, uyazibekezelela lapho zenza amaphutha, ngesikhathi esifanayo azinikeze isikhathi sokushintsha izindlela zazo zokona.—2 Petru 3:9.

UNkulunkulu uyaqhubeka athi ‘uchichima umusa wothando neqiniso.’ (Ivesi 6) Umusa wothando, noma uthando oluqotho, yimfanelo eyigugu uJehova ayisebenzisayo ukuze kube nobuhlobo obuqinile nobungasoze baphela phakathi kwakhe nabantu bakhe. (Duteronomi 7:9) UJehova ubuye abe umthombo weqiniso. Akakhohlisi futhi akanakukhohliswa. Njengoba ‘enguNkulunkulu weqiniso,’ singakwethemba ngokuphelele konke akushoyo, kuhlanganise nezithembiso zakhe ngekusasa.—IHubo 31:5.

Elinye iqiniso elibaluleke kakhulu uJehova afuna silazi ngaye liwukuthi uxolela “isiphambeko neseqo nesono.” (Ivesi 7) “Ukulungele ukuthethelela” izoni eziphendukayo. (IHubo 86:5) Ngesikhathi esifanayo, akabushalazeleli neze ububi. Uthi “ngeke neze akhulula esijezisweni.” (Ivesi 7) UNkulunkulu ongcwele nonobulungisa uyozijezisa izoni ezona ngamabomu. Luyofika olwamanqamu lapho ziyobhekana nemikhuba yazo yokona.

Indlela uJehova achaza ngayo izimfanelo zakhe ibonisa ngokucacile ukuthi ufuna simazi futhi sazi ubuntu nezindlela zakhe. Awuzizwa yini ufuna ukwazi okwengeziwe ngezimfanelo zakhe ezinhle?

[Umbhalo waphansi]

a UMose akazange ambone ngokoqobo uJehova, ngoba akekho umuntu ongabona uNkulunkulu aphile. (Eksodusi 33:20) Kusobala ukuthi uJehova wabonisa uMose inkazimulo yaKhe, exhumana naye ngengelosi yakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela