Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
Isaziso
Ulimi olusha oselutholakala: Mbum
  • Namuhla

ULwesibili, Julayi 29

Ngikwamukele.—Luka 3:22.

Kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uyabamukela abantu bakhe njengeqembu! IBhayibheli lithi: “UJehova uyajabula ngabantu bakhe.” (IHu. 149:4) Nokho, ngezinye izikhathi abanye bangase badikibale kangangokuba bangaze bazibuze, ‘UJehova uyangamukela yini mina?’ Abakhulekeli bakaJehova abaningana bangezikhathi zeBhayibheli nabo bake bahlushwa imicabango enjalo. (1 Sam. 1:​6-10; Jobe 29:​2, 4; IHu. 51:11) IBhayibheli likubonisa ngokucacile ukuthi abantu abanesono bangamukelwa uJehova. Kanjani? Kumele sibonise ukholo kuJesu Kristu sibhapathizwe. (Joh. 3:16) Ngaleyo ndlela sibonisa obala ukuthi siphendukile ezonweni zethu nokuthi sithembise uNkulunkulu ukuthi sizokwenza intando yakhe. (IzE. 2:38; 3:19) UJehova uyajabula lapho senza lezi zinto ukuze sibe abangani bakhe. Uma nje siqhubeka senza konke esingakwenza ukuze siphile ngokuvumelana nesifungo sethu sokuzinikezela, uJehova uyasamukela asibheke njengabangani bakhe.—IHu. 25:14. w24.03 26 ¶1-2

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesithathu, Julayi 30

Ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.—IzE. 4:20.

Singabalingisa abafundi ngokuqhubeka sishumayela ngisho noma iziphathimandla zithi asiyeke. Singaqiniseka ukuthi uJehova uzosisiza sifeze inkonzo yethu. Ngakho thandazela isibindi nokuhlakanipha ucele uJehova akusize ukuze ubhekane nezinkinga. Abaningi kithi bayagula, banezinkinga ezingokomzwelo, bashonelwe umuntu abamthandayo, banezinkinga zemindeni, bayashushiswa, noma banezinye izinkinga. Izinto ezifana nobhubhane nezimpi zenze kwaba nzima nakakhulu ukubhekana neziningi zalezi zinkinga. Thulula isifuba sakho kuJehova. Mtshele izinto obhekene nazo ngendlela obungatshela ngayo umngani oseduze. Qiniseka ukuthi uJehova ‘uzokusiza.’ (IHu. 37:​3, 5) Ukuphikelela emthandazweni kuzosisiza ‘sikhuthazele osizini.’ (Roma 12:12) UJehova uyazi ukuthi abantu abamkhonzayo babhekene nani—“uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo.”—IHu. 145:​18, 19. w23.05 5-6 ¶12-15

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesine, Julayi 31

Qhubekani niqinisekisa ukuthi yini eyamukelekayo eNkosini.—Efe. 5:10.

Lapho kudingeka senze izinqumo ezibalulekile, kudingeka siqonde “ukuthi iyini intando kaJehova” bese senza ngokuvumelana nayo. (Efe. 5:17) Lapho sikwazi ukubona izimiso zeBhayibheli ezisebenza esimweni esibhekene naso, empeleni sisuke sifuna ukuthola ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngaleyo ndaba. Njengoba sisuke sisebenzisa izimiso zakhe, cishe siyokwenza izinqumo ezihlakaniphile. “Omubi,” isitha sethu uSathane, angathanda ukusigcina simatasa ngezinto zaleli zwe size singabi naso isikhathi sokukhonza uNkulunkulu. (1 Joh. 5:19) UmKristu angase aqale ukugxila ekwenzeni imali, emfundweni yezwe noma emsebenzini kunokuba agxile ezindleleni eziningi angakhonza ngazo uJehova. Uma lokho kwenzeka, kuyosho ukuthi useqala ukuthonywa ukucabanga kwezwe. Yiqiniso, lezi zinto azizimbi, kodwa akufanele neze zize kuqala ekuphileni kwethu. w24.03 24 ¶16-17

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela