-
Levitikusi 27:11, 12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Uma kuyisilwane esingcolile + esingenakulethwa sibe umnikelo kuJehova, uyobe esemisa leso silwane phambi kompristi. 12 Umpristi uyobe esenquma inani laso, kuye ngokuthi sihle noma sibi. Inani elishiwo umpristi ngeke lishintshe.
-
-
Levitikusi 27:18IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Uma insimu yakhe eyingcwelisa ngemva kweJubili, umpristi uyombalela inani azolikhokha ngokulingana neminyaka esele ngaphambi konyaka olandelayo weJubili, futhi inani azolikhokha kufanele lisuswe enanini elilinganisiwe. +
-