-
Genesise 28:20-22IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
20 UJakobe wabe esenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoqhubeka enami, ezongivikela ohambweni lwami, anginike nesinkwa sokudla nezingubo zokugqoka, 21 ngibuyele ngokuthula endlini kababa, uJehova nakanjani uyobe ebe uNkulunkulu wami. 22 Leli tshe engilimise njengensika liyoba indlu kaNkulunkulu, + nakanjani ngiyokunika okweshumi kwakho konke onginika kona.”
-