-
Eksodusi 23:31-33IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
31 “Ngiyonweba umngcele wenu kusukela oLwandle Olubomvu kuye olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuye eMfuleni; *+ ngoba abakhe ezweni ngizobanikela esandleni senu futhi niyobaxosha basuke phambi kwenu. + 32 Ningasenzi isivumelwano nabo noma nonkulunkulu babo. + 33 Akufanele bahlale ezweni lenu ukuze banganenzi none kimi. Uma kwenzeka nikhonza onkulunkulu babo, nakanjani kuyoba ugibe kini.” +
-
-
Joshuwa 23:12, 13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 “Kodwa uma ningake nje niphenduke ninamathele kulezi zizwe ezisele + phakathi kwenu, niganiselane *+ nazo futhi nizihlanganise nazo, nazo zizihlanganise nani, 13 kufanele nazi ngokuqinisekile ukuthi uJehova uNkulunkulu wenu ngeke aqhubeke ezixosha* lezi zizwe ngenxa yenu. + Ziyoba yisicupho nogibe kanye nohlupho nxazonke zenu, + zibe ngameva emehlweni enu kuze kube yilapho senishabalele kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.
-