Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Joshuwa 20:2, 3
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 2 “Khuluma nama-Israyeli, uthi: ‘Zikhetheleni amadolobha esiphephelo + engakhuluma ngawo kini ngoMose, 3 ukuze uma kukhona obulala umuntu* engahlosile noma ngephutha* abalekele khona. Ayoba isiphephelo kini kumuntu ophindiselela umufi. +

  • Joshuwa 20:7, 8
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 7 Ngakho bangcwelisa* iKedeshi + eGalile ezintabeni zakwaNafetali, iShekemi + ezintabeni zakwa-Efrayimi neKiriyati-ariba, + okungukuthi iHebroni, ezintabeni zakwaJuda. 8 Esifundeni saseJordani, empumalanga yeJeriko, bakhetha iBhezeri + ehlane ezweni elisethafeni* lesizwe sakwaRubeni, iRamoti + eGileyadi esizweni sakwaGadi neGolani + eBhashani esizweni sakwaManase. +

  • Joshuwa 21:13
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 13 Amadodana ka-Aroni umpristi anikwa idolobha lokuphephela umbulali, + okungukuthi iHebroni, + kanye namadlelo alo, iLibhina + namadlelo alo,

  • Joshuwa 21:21
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 21 Yanikwa idolobha lokuphephela umbulali, + okungukuthi iShekemi + namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, iGezeri + namadlelo alo,

  • Joshuwa 21:27
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 27 AbakwaGereshoni + bemindeni yamaLevi bathola kuhhafu wesizwe sakwaManase idolobha lokuphephela umbulali, okungukuthi iGolani, + eBhashani, namadlelo alo neBheyeshitera namadlelo alo—amadolobha amabili.

  • Joshuwa 21:32
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 32 Esizweni sakwaNafetali: idolobha lokuphephela + umbulali, okungukuthi iKedeshi + eGalile, namadlelo alo, iHamoti-dori namadlelo alo neKaritani namadlelo alo—amadolobha amathathu.

  • Joshuwa 21:36
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 36 Esizweni sakwaRubeni: iBhezeri + namadlelo alo, iJahazi namadlelo alo, +

  • Joshuwa 21:38
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 38 Esizweni sakwaGadi: + idolobha lokuphephela umbulali, okungukuthi iRamoti eGileyadi + namadlelo alo, iMahanayimi + namadlelo alo,

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela