11 “Kodwa uma umuntu ebemzonda umuntu wakubo, + wayesemlinda ukuze amhlasele, wamshaya wambulala, futhi lowo mbulali eye wabalekela kwelinye lalawo madolobha, 12 amadoda amadala edolobha lakubo kufanele athumele ayobizwa lapho, amnikele esandleni somuntu ophindiselela umufi futhi kumele afe. +