Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Eksodusi 29:27, 28
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 27 Kufanele ungcwelise isifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze wesabelo esingcwele okuzulisiwe futhi okuthathwe enqameni yokumisa umpristi, + kulokho obekunikelelwa u-Aroni namadodana akhe. 28 Kufanele kube okuka-Aroni namadodana akhe ngomthetho waphakade okufanele ugcinwe ama-Israyeli, ngoba kuyisabelo esingcwele futhi kuyoba isabelo esingcwele okufanele sinikelwe ama-Israyeli. + Kuyisabelo sawo esingcwele asinika uJehova esivela emihlatshelweni yawo ehlanganyelwayo. +

  • Numeri 18:8
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 8 UJehova waqhubeka ekhuluma no-Aroni ethi: “Mina ngokwami ngikubeke ukuba ugcine iminikelo eyenzelwa mina. + Nginike wena namadodana akho ingxenye yazo zonke izinto ezingcwele ezinikelwe ama-Israyeli njengesabelo saphakade. +

  • Duteronomi 18:3
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 “Lokhu kuyoba yilungelo elifanele labapristi elivela kubantu: Noma ubani owenza umhlatshelo, kungakhathaliseki ukuthi yinkomo noma yimvu, kufanele anike umpristi isiphanga, imihlathi nesisu.

  • Hezekeli 44:29
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 29 Yibo abayodla umnikelo wokudla okusanhlamvu, + umnikelo wesono nomnikelo wecala, + yonke into enikelwe kwa-Israyeli iyoba ngeyabo. +

  • 1 Korinte 9:13
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 13 Anazi yini ukuthi amadoda enza imisebenzi engcwele adla izinto zasethempelini, nokuthi lawo akhonza njalo e-altare athola okuthile okuvela e-altare? +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela