-
Numeri 26:62, 63IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
62 Ingqikithi yalabo ababhaliswa yayingu-23 000, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu. + Ababhaliswanga phakathi kwama-Israyeli + ngoba alikho ifa okwakufanele banikezwe lona phakathi kwama-Israyeli. +
63 Yilaba ababhaliswa uMose no-Eleyazare umpristi lapho bebhalisa ama-Israyeli emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani eJeriko.
-