-
Genesise 38:7-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
7 Kodwa u-Eri, izibulo likaJuda, wayenza okubi emehlweni kaJehova; ngakho uJehova wambulala. 8 Ngenxa yalokho uJuda wathi ku-Onani: “Lala nomkamfowenu umngene uvusele umfowenu inzalo.” + 9 Kodwa u-Onani wayazi ukuthi leyo nzalo yayingeke ibhekwe njengeyakhe. + Ngakho lapho elala nomkamfowabo, wasichithela phansi isidoda sakhe ukuze angamniki umfowabo inzalo. + 10 Lokhu akwenza kwakukubi emehlweni kaJehova, ngakho naye wambulala. +
-