-
Eksodusi 2:23-25IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Ngemva kwesikhathi eside,* inkosi yaseGibhithe yafa, + kodwa ama-Israyeli aqhubeka ebubula ngenxa yokugqilazwa, ekhala ekhononda, futhi ukukhalela kwawo usizo ngenxa yokugqilazwa kwaqhubeka kwenyukela kuNkulunkulu weqiniso. + 24 Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu wakuzwa ukububula kwawo, + wakhumbula isivumelwano sakhe asenza no-Abrahama, u-Isaka noJakobe. + 25 Ngakho uNkulunkulu wawabheka ama-Israyeli; wasibona isimo sawo.
-
-
Eksodusi 3:7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
7 UJehova wanezela: “Ngikubonile ngempela ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, ngakuzwa nokukhala kwabo ngenxa yalabo ababaphoqa ukuba basebenze; ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. +
-