14 Ngaphezu kwalokho, kusukela ngosuku inkosi eyangimisa ngalo ukuba ngibe ngumbusi + wabo ezweni lakwaJuda, kusukela ngonyaka ka-20 + kuya onyakeni ka-32 + weNkosi u-Aritahishashita, + iminyaka engu-12, mina nabafowethu asizange sikudle ukudla okufanele kudliwe umbusi. +