Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • IHubo 14:1-7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 14 Isiwula* sithi enhliziyweni yaso:

      “Akekho uJehova.” +

      Izenzo zabo zonakele, imisebenzi yabo iyenyanyeka;

      Akekho owenza okuhle. +

       2 Kodwa uJehova ubheka phansi kubantwana babantu esezulwini

      Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +

       3 Bonke baphambukile; +

      Bonke bonakele ngokufanayo.

      Akekho owenza okuhle,

      Akekho ngisho noyedwa.

       4 Akekho yini kwabenza okubi oqondayo?

      Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa.

      Abambizi uJehova.

       5 Kodwa bayokwesaba kakhulu, +

      Ngoba uJehova unesizukulwane sabalungile.

       6 Nina abenza okubi nizama ukubhuntshisa amacebo ohluphekile,

      Kodwa uJehova uyisiphephelo sakhe. +

       7 O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! +

      Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,

      Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.

  • Roma 3:10
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 10 njengoba nje kulotshiwe: “Akekho umuntu olungile, akekho ngisho noyedwa; +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela