13 Kwabe sekungena amadoda amabili angelusizo lwalutho, ahlala phansi phambi kwakhe, aqala ukufakaza ngokumelene noNabhoti phambi kwabantu, athi: “UNabhoti uthuke uNkulunkulu nenkosi!” + Ngemva kwalokho bamkhiphela emaphethelweni edolobha bamshaya ngamatshe waze wafa. +