Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Isaya 28:16
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 16 Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:

      “Bheka ngibeka itshe njengesisekelo eZiyoni, itshe elivivinyiwe, +

      Itshe eliyigugu eliyinhloko + lesisekelo esiqinile. +

      Akekho obonisa ukholo kulo oyokwethuka. +

  • Luka 20:17
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 17 Kodwa wababheka ngqo, wathi: “Kusho ukuthini-ke lokhu okulotshiwe: ‘Itshe elenqatshwa abakhi, selibe yitshe legumbi* eliyinhloko’? +

  • IzEnzo 4:11
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 11 Lo ‘uyitshe nina bakhi enaliphatha njengelingento yalutho eseliyitshe legumbi* eliyinhloko.’ +

  • 1 Korinte 3:11
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 11 Ngoba akekho ongabeka esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu. +

  • Efesu 2:19, 20
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 19 Ngakho anisezona izihambi nezifiki, + kodwa niyizakhamuzi + kanye nabangcwele futhi ningamalungu endlu kaNkulunkulu, + 20 futhi nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, + kuyilapho uKristu Jesu ngokwakhe eyitshe legumbi eliyisisekelo. +

  • 1 Petru 2:4-7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 4 Njengoba niza kuyo, itshe eliphilayo elenqatshwa ngabantu + kodwa elikhethiwe neliyigugu kuNkulunkulu, + 5 nani njengamatshe aphilayo niyakhiwa nibe yindlu engokomoya + ukuze nibe ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo engokomoya + eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. + 6 Ngoba kuthiwa emBhalweni: “Bheka! Ngibeka itshe elikhethiwe eZiyoni, itshe eliyinhloko lesisekelo eliyigugu, akekho obonisa ukholo kulo oyoke adumazeke.” *+

      7 Ngakho-ke, uyigugu kini, ngoba ningamakholwa; kodwa kulabo abangakholwa, “itshe elenqatshwa abakhi + selibe yitshe legumbi* eliyinhloko” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela