-
2 Samuweli 22:26-31IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
26 Koqotho wena wenza ngobuqotho; +
Indoda enamandla nengenaphutha, usebenzelana nayo ngokungenaphutha; +
27 Komsulwa uzibonakalisa umsulwa, +
Kodwa koyiqili uzibonakalisa unokuqonda. *+
28 Ngoba uyabasindisa abathobekile, +
Kodwa amehlo akho amelene nabaziphakamisayo, futhi uyabathobisa. +
29 Ngoba uyisibani sami, Jehova; +
NguJehova oguqula ubumnyama obungizungezile bube ukukhanya. +
30 Ngosizo lwakho ngingajaha iviyo labaphangi;
Ngamandla kaNkulunkulu ngingacaca udonga. +
31 Indlela kaNkulunkulu weqiniso iphelele;* +
Izwi likaJehova licwengekile. +
Uyihawu labo bonke abaphephela kuye. +
-
-
Jobe 34:11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Ngoba uyovuza umuntu ngokwalokho akwenzayo, +
Amvumele ukuba avune imiphumela yezindlela zakhe.
-