-
UmShumayeli 2:18, 19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Ngazonda yonke into engangiyisebenzele kanzima kangaka phansi kwelanga, + ngoba kumele ngiyishiyele umuntu oza ngemva kwami. + 19 Futhi ubani owaziyo ukuthi uyoba ngohlakaniphile yini noma oyisiwula? + Nokho uyothatha zonke izinto engachitha amandla ami kanye nokuhlakanipha ukuze ngiziqongelele phansi kwelanga. Nalokhu futhi kuyize.
-
-
UmShumayeli 4:8IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
8 Kukhona umuntu ongenabani, ongenamngani; akanandodana noma umfowabo, kodwa wonke umsebenzi wakhe onzima awupheli. Amehlo akhe awaneliseki ngengcebo. + Kodwa uyazibuza yini ukuthi, ‘Ubani engimsebenzela kanzima, engizincisha izinto ezinhle ngenxa yakhe’? + Nalokhu futhi kuyize nomsebenzi obanga usizi. +
-