-
Isaya 63:11-13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Bakhumbula izinsuku zakudala,
Izinsuku zikaMose inceku yakhe:
“Uphi Lowo owabakhuphula wabakhipha olwandle + kanye nabelusi bomhlambi wakhe? +
Uphi Lowo owafaka kuye umoya waKhe ongcwele, +
12 Lowo owenza ukuba ingalo yaKhe ekhazimulayo ihambe nesandla sokudla sikaMose, +
Lowo owahlukanisa amanzi phambi kwabo +
Ukuze azenzele igama elimi phakade, +
13 Lowo owenza ukuba bahambe emanzini agubhayo,*
Kangangokuthi bahamba kodwa abazange bakhubeke,
Njengehhashi ehlane?
-