13 Kwathunyelwa izincwadi ngezithunywa kuzo zonke izifundazwe zenkosi, ezaziyala ukuba kuqothulwe, kubulawe futhi kubhujiswe wonke amaJuda, omncane nomdala, izingane nabesifazane, ngosuku olulodwa, ngosuku luka-13 lwenyanga ka-12, okungukuthi, inyanga ka-Adari, + nokuba kuphangwe izinto abanazo. +