Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Duteronomi 28:53-57
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 53 Kuyodingeka udle izingane zakho,* inyama yamadodana namadodakazi akho, + uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona, ngenxa yobunzima bokuvinjezelwa nokucindezelwa yisitha sakho.

      54 “Ngisho nendoda entekenteke nezwela kakhulu phakathi kwakho, ngeke imzwele umfowabo noma umkayo emthandayo noma abantwana bayo abasele, 55 ngeke ibaphe lutho enyameni yabantwana bayo ezoyidla, ngoba ayisenalutho ngenxa yobunzima bokuvinjezelwa nokucindezelwa isitha emadolobheni akho. + 56 Owesifazane ontekenteke nozwela kakhulu phakathi kwakho, ongeke alokothe acabange ukubeka unyawo lwakhe emhlabathini ngoba entekenteke, + ngeke amzwele umyeni wakhe amthandayo noma indodana noma indodakazi yakhe, 57 ngisho nomzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe nabantwana abazalayo, ngoba uyobadlela ekusithekeni ngenxa yobunzima bokuvinjezelwa nokucindezelwa kwamadolobha akho yisitha sakho.

  • 2 AmaKhosi 25:3-7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 Ngosuku luka-9 ngenyanga yesine indlala yayibhokile + edolobheni, abantu babengenakho ukudla. + 4 Izindonga zedolobha zabhodlozwa, + lonke ibutho lempi labaleka ebusuku laphuma ngesango elisodongeni olubhangqiwe ngasengadini yenkosi, kuyilapho amaKhaledi ezungeze idolobha; inkosi yahamba ngendlela eya ngase-Araba. + 5 Kodwa ibutho lamaKhaledi layijaha inkosi, layifica emathafeni awugwadule aseJeriko, lonke ibutho layo lempi lahlakazeka. 6 Layibamba inkosi + lenyuka nayo laya enkosini yaseBhabhiloni eRibila, ukuze igwetshwe. 7 Amadodana kaZedekiya bawabulala phambi kwakhe; ngemva kwalokho uNebukhadinezari wamkhipha amehlo uZedekiya, wambopha ngamaketanga ethusi waya naye eBhabhiloni. +

  • Isaya 3:1
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 Ngoba bheka! iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,

      Isusa eJerusalema nakwaJuda zonke izinto ezibasekelayo neziyisidingo,

      Okuwukuthi isinkwa namanzi, +

  • Hezekeli 4:16
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 16 Wabe esethi kimi: “Ndodana yomuntu, ngizonqamula ilungiselelo lokudla* eJerusalema, + isilinganiso sesinkwa sabo bayosidla bekhathazeke kakhulu, + bayophuza isilinganiso samanzi abo ngokwesaba okukhulu. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela