IsiHlabelelo SeziHlabelelo
7 “Yeka indlela izinyawo zakho ezinhle ngayo ezimbadadeni zakho,
O ndodakazi ehloniphekile!
Ubuhle bamathanga akho bunjengemihlobiso,
Umsebenzi wezandla zengcweti.
2 Inkaba yakho iyisitsha esiyindilinga.
Kwangathi singelokothe sintule iwayini elixutshiwe.
Isisu sakho siyinqwaba kakolweni,
Ezungezwe izimbali.
3 Amabele akho anjengezinyamazane ezincane ezimbili,
Izinyamazane ezingamawele. +
4 Intamo yakho + injengombhoshongo + wezinyo lendlovu.
Ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebhanoni,
Obheke ngaseDamaseku.
Inkosi ibanjwe izinwele zakho ezinde ezinhle.
6 Yeka ukuthi umuhle kanjani, yeka ukuthi umnandi kangakanani,
O ntombazane ethandekayo, uzedlula zonke izinto ezijabulisa kakhulu!
7 Isiqu sakho sifana nesihlahla sesundu,
Namabele akho anjengezigaxa zezithelo zesundu. +
8 Ngithe, ‘Ngizogibela esihlahleni sesundu
Ukuze ngibambe izithelo zaso.’
Kwangathi amabele akho angaba njengezigaxa zamagilebhisi,
Umoya owuphefumulayo unuke kamnandi njengama-apula,
9 Nomlomo* wakho ube njengewayini elimnandi kunalo lonke.”
“Kwangathi lingehla kamnandi esithandweni sami,
Lishelele kamnandi ezindebeni zabalele.
10 “Ngingowesithandwa sami, +
Isithandwa sami siyangifisa.
12 Masivuke ekuseni kakhulu siye emasimini amagilebhisi
Ukuze sibone ukuthi isihlahla samagilebhisi sikhahlelile* yini,
Ukuthi izimbali ziqhakazile yini, +
Ukuthi izihlahla zamahalananda ziqhakazile yini. +
Ngizokubonisa lapho uthando lwami. +
13 Amamandrake *+ akhipha iphunga lawo elimnandi;
Eminyango yethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo zekhethelo. +
Ezintsha kanye nezindala,
O sithandwa sami, ngikubekele zona.