Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 Samuweli 26
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

1 Samuweli Okuphakathi

      • UDavide uyaphinda usindisa uSawule (1-25)

        • UDavide uyamhlonipha ogcotshiwe kaJehova (11)

1 Samuweli 26:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “nogwadule; nehlane.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 15:20, 55
  • +Hlu 19:14; 1Sa 10:26
  • +1Sa 23:14, 19, 24; IHu 54:Umbhalo ongenhla

1 Samuweli 26:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:2

1 Samuweli 26:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 14:50; 17:55; 2Sa 2:8; 3:27

1 Samuweli 26:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 10:15
  • +2Sa 16:9; 18:5; 23:18
  • +2Sa 2:18; 1 IziKr. 2:15, 16

1 Samuweli 26:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:4; 26:23

1 Samuweli 26:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 10:1
  • +1Sa 24:6; 2Sa 1:14; 1 IziKr. 16:22; IHu 20:6

1 Samuweli 26:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 32:35; 1Sa 24:12; 25:38; IHu 94:1, 23
  • +IHu 37:12, 13
  • +1Sa 31:3, 6

1 Samuweli 26:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 19:18; 1Sa 24:6; 1 IziKr. 16:22; IHu 105:15

1 Samuweli 26:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:4

1 Samuweli 26:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 14:50; 17:55; 2Sa 2:8; 3:8

1 Samuweli 26:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 26:8

1 Samuweli 26:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 9:16, 17; 10:1
  • +1Sa 26:11

1 Samuweli 26:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:8, 16

1 Samuweli 26:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 35:7
  • +1Sa 24:9, 11

1 Samuweli 26:19

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “makahogele.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:9
  • +Eks 19:5; Dut 26:18

1 Samuweli 26:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Ungalivumeli igazi lami ukuba liwele emhlabathini.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:14

1 Samuweli 26:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:17
  • +1Sa 24:10; 26:11

1 Samuweli 26:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 7:8; 18:20
  • +1Sa 24:6; 26:9

1 Samuweli 26:24

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umphefumulo.”

  • *

    Noma, “umphefumulo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 34:19

1 Samuweli 26:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 24:19
  • +1Sa 24:22; 27:4

Okunye

1 Sam. 26:1Jos 15:20, 55
1 Sam. 26:1Hlu 19:14; 1Sa 10:26
1 Sam. 26:11Sa 23:14, 19, 24; IHu 54:Umbhalo ongenhla
1 Sam. 26:21Sa 24:2
1 Sam. 26:51Sa 14:50; 17:55; 2Sa 2:8; 3:27
1 Sam. 26:6Gen 10:15
1 Sam. 26:62Sa 16:9; 18:5; 23:18
1 Sam. 26:62Sa 2:18; 1 IziKr. 2:15, 16
1 Sam. 26:81Sa 24:4; 26:23
1 Sam. 26:91Sa 10:1
1 Sam. 26:91Sa 24:6; 2Sa 1:14; 1 IziKr. 16:22; IHu 20:6
1 Sam. 26:10Dut 32:35; 1Sa 24:12; 25:38; IHu 94:1, 23
1 Sam. 26:10IHu 37:12, 13
1 Sam. 26:101Sa 31:3, 6
1 Sam. 26:11Lev 19:18; 1Sa 24:6; 1 IziKr. 16:22; IHu 105:15
1 Sam. 26:121Sa 24:4
1 Sam. 26:141Sa 14:50; 17:55; 2Sa 2:8; 3:8
1 Sam. 26:151Sa 26:8
1 Sam. 26:161Sa 9:16, 17; 10:1
1 Sam. 26:161Sa 26:11
1 Sam. 26:171Sa 24:8, 16
1 Sam. 26:18IHu 35:7
1 Sam. 26:181Sa 24:9, 11
1 Sam. 26:191Sa 24:9
1 Sam. 26:19Eks 19:5; Dut 26:18
1 Sam. 26:201Sa 24:14
1 Sam. 26:211Sa 24:17
1 Sam. 26:211Sa 24:10; 26:11
1 Sam. 26:23IHu 7:8; 18:20
1 Sam. 26:231Sa 24:6; 26:9
1 Sam. 26:24IHu 34:19
1 Sam. 26:251Sa 24:19
1 Sam. 26:251Sa 24:22; 27:4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 Samuweli 26:1-25

Eyokuqala KaSamuweli

26 Ngemva kwesikhathi amadoda aseZifi + afika kuSawule eGibheya, + athi: “UDavide ucashe egqumeni laseHakhila, elibhekene neJeshimoni.” *+ 2 Ngakho uSawule wasuka wehlela ehlane laseZifi, ehamba namadoda ekhethelo angu-3 000 akwa-Israyeli, eyofuna uDavide ehlane laseZifi. + 3 USawule wamisa amatende egqumeni laseHakhila elibhekene neJeshimoni, eceleni komgwaqo. Ngaleso sikhathi uDavide wayehlala ehlane. Wezwa ukuthi uSawule wayemlandele weza ehlane. 4 Ngakho uDavide wathumela izinhloli ukuze aqiniseke ukuthi uSawule wayeze ngempela yini. 5 Kamuva uDavide wasuka waya endaweni uSawule ayekuyo, wafike wayibona indawo uSawule no-Abhineri + indodana kaNeri induna yebutho lakhe ababelele kuyo; uSawule wayezumekile ekamu, ibutho limise amatende nhlangothi zonke zakhe. 6 UDavide wathi ku-Ahimeleki umHeti + naku-Abhishayi + indodana kaZeruya, + umfowabo kaJowabe: “Ngubani ozohamba nami siye kuSawule ekamu?” U-Abhishayi wathi: “Ngizohamba nawe mina.” 7 Ngakho uDavide no-Abhishayi bahamba baya ekamu ebusuku, bafica uSawule ezumekile, umkhonto wakhe ugxunyekwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abhineri kanye nebutho babelele nhlangothi zonke zakhe.

8 U-Abhishayi wayesethi kuDavide: “Namuhla uNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho. + Manje ngicela ungivumele ngimhlanganise nomhlabathi ngomkhonto kanye nje kuphela, ngeke kudingeke ngimphinde kabili.” 9 Nokho, uDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungamlimazi, ngoba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiwe kaJehova + kodwa angabi nacala?” + 10 UDavide waqhubeka wathi: “Ngimfunge uJehova, uJehova ngokwakhe uzomshaya, + noma ngolunye usuku uzofa + njengawo wonke umuntu, noma uzoya empini afike afele khona. + 11 Ngenxa yokuthi uJehova ngiyamhlonipha, anginakulokotha ngelulele isandla sami kogcotshiwe kaJehova! + Ngakho manje asithathe umkhonto ongasekhanda lakhe nojeke wamanzi, sihambe.” 12 Ngakho uDavide wathatha umkhonto nojeke wamanzi owawungasekhanda likaSawule, base behamba. Akukho muntu owababona + noma owaphaphama ngoba bonke babezumekile, ngenxa yokuthi babehlelwe ubuthongo obukhulu obuvela kuJehova. 13 Ngemva kwalokho uDavide wawelela ngaphesheya wama esiqongweni sentaba kude nabo, kukhona ibanga elide phakathi kwabo.

14 UDavide wamemeza ibutho no-Abhineri + indodana kaNeri, wathi: “Abhineri, uyangizwa yini?” U-Abhineri waphendula wathi: “Ungubani wena obangela inkosi umsindo?” 15 UDavide wathi ku-Abhineri: “Buphi ubuqhawe bakho? Akekho ofana nawe kwa-Israyeli, pho kungani ungayigadanga inkosi yakho? Ngoba kunesosha elifikile lizobulala inkosi yakho. + 16 Wehlulekile ukwenza umsebenzi wakho. Ngimfunge uJehova, nina nifanelwe ukufa ngoba aniyigadanga inkosi yenu, ogcotshiwe kaJehova. + Ake nibheke ukuthi ukhona yini umkhonto wenkosi nojeke wamanzi + obungasekhanda layo.”

17 USawule wezwa ukuthi yizwi likaDavide, wathi: “Yizwi lakho yini lelo ndodana yami Davide?” + UDavide waphendula wathi: “Yizwi lami nkosi yami.” 18 Wayesethi: “Kungani inkosi yami izingela inceku yayo, + ngenzeni, liyini icala lami? + 19 Nkosi yami ngicela ulalele amazwi enceku yakho: Uma kunguJehova okubangele ukuba umelane nami, makamukele* umnikelo wami wokudla okusanhlamvu. Kodwa uma kungabantu abakushoshozelayo, + baqalekisiwe phambi kukaJehova, ngoba bangixoshile namuhla ukuze ngingabi yingxenye yefa likaJehova, + bethi, ‘Hamba uyokhonza abanye onkulunkulu!’ 20 Ungangivumeli ukuba ngilahlekelwe ukuphila kwami* ngikude noJehova, ngoba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukuyofuna izeze elilodwa, + njengokungathi izingela ithendele ezintabeni.”

21 USawule yena wathi: “Ngonile. + Buya ndodana yami Davide, ngoba ngeke ngisakulimaza, ngenxa yokuthi ukuphila kwami kube yigugu + kuwe namuhla. Ngenze ubuwula futhi ngiphaphalaze kakhulu.” 22 UDavide waphendula wathi: “Nawu umkhonto wenkosi. Makuze enye yezinsizwa iwulande. 23 NguJehova ozobuyisela yilowo nalowo ngokulunga kwakhe + nangokwethembeka kwakhe, ngenxa yokuthi namuhla uJehova ubekunikele esandleni sami, kodwa angithandanga ukwelulela isandla sami kogcotshiwe kaJehova. + 24 Njengoba nje ukuphila* kwakho kube yigugu kimi namuhla, kwangathi ukuphila* kwami kungaba yigugu emehlweni kaJehova, kwangathi angangikhulula kulo lonke usizi.” + 25 USawule wathi kuDavide: “Kwangathi ungabusiswa, ndodana yami Davide. Nakanjani uzokwenza izinto ezinkulu futhi nakanjani uzophumelela.” + Ngemva kwalokho uDavide wahamba, noSawule wabuyela ekhaya. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela