AmaHubo
3 Ziqhayiseni ngegama lakhe elingcwele. +
Mazijabule izinhliziyo zalabo abafuna uJehova. +
4 Funani uJehova + namandla akhe.
Qhubekani nimfuna.*
5 Khumbulani imisebenzi yakhe emangalisayo ayenzile,
Izimangaliso zakhe nezahlulelo azikhiphile, +
6 Nina nzalo* ka-Abrahama inceku yakhe, +
Nina bantwana bakaJakobe, abakhethiwe bakhe. +
7 UnguJehova uNkulunkulu wethu. +
Izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. +
8 Ukhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade, +
Isithembiso asenza* ezizukulwaneni eziyinkulungwane, +
9 Isivumelwano asenza no-Abrahama, +
Nesifungo asifunga ku-Isaka, +
10 Asimisa saba umyalo kuJakobe
Saba isivumelwano saphakade ku-Israyeli,
11 Ethi: “Ngizokunika izwe laseKhanani +
Libe yifa lakho.” +
13 Babehamba besuka kwesinye isizwe beya kwesinye,
Besuka komunye umbuso beya komunye umbuso. +
14 Akavumelanga muntu ukuba abacindezele, +
Kodwa wasola amakhosi + ngenxa yabo,
15 Ethi: “Ningabathinti abagcotshiwe bami,
Ningenzi lutho olubi kubaprofethi bami.” +
17 Wathumela umuntu ngaphambi kwabo
Owayethengisiwe ukuba abe yisigqila, uJosefa. +
18 Izinyawo zakhe bazibopha* ngezibopho, +
Intamo yakhe yafakwa ezinsimbini;*
19 Kwaze kwaba yilapho izwi lakhe ligcwaliseka, +
Izwi likaJehova yilo elamlolonga.
20 Inkosi yayala ukuba akhululwe, +
Umbusi wezizwe wamkhulula.
21 Wambeka ukuba aphathe indlu yakhe, +
Ukuba abe umbusi phezu kwayo yonke impahla yakhe,
22 Ukuba abe negunya phezu* kwezikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe
Nokuba afundise amadoda amadala ukuhlakanipha. +
23 Khona-ke u-Israyeli weza eGibhithe, +
UJakobe wahlala ezweni likaHamu njengesifiki.
24 UNkulunkulu wasandisa kakhulu isizwe sakhe; +
Wasenza saba namandla kunezitha zaso, +
25 Wavumela izinhliziyo zazo ukuba zishintshe zibazonde abantu bakhe,
Ukuba zakhele izinceku zakhe uzungu. +
28 Wathumela ubumnyama, kwaba mnyama ezweni; +
Abazange badlubulunde emazwini akhe.
29 Washintsha amanzi abo aba yigazi
Wabulala izinhlanzi zabo. +
30 Ezweni labo kwagcwala amaxoxo, +
Ngisho nasemakamelweni asebukhosini.
33 Washaya amasimu abo amagilebhisi nezihlahla zabo zemikhiwane
Waphula izihlahla zendawo yabo.
34 Wathi makufike izintethe zibahlasele,
Izintethe ezingenakubalwa. +
35 Zadla zonke izimila ezweni,
Zadla nezithelo zomhlabathi.
36 Ngemva kwalokho wabulala wonke amazibulo ezweni labo, +
Ukuqala kwamandla abo okuzala.
37 Wakhipha abantu bakhe benesiliva negolide; +
Akekho noyedwa phakathi kwezizwe zakhe owakhubeka.
39 Welula ifu ukuze abasithe +
Nomlilo wokubakhanyisela ebusuku. +
42 Ngoba wasikhumbula isithembiso esingcwele ayesenze ku-Abrahama inceku yakhe. +
43 Ngakho wasikhipha isizwe sakhe ngokwethaba, +
Abakhethiwe bakhe ngokukhamuluka kwenjabulo.
45 Ukuze bagcine imiyalo yakhe +
Bagcine imithetho yakhe.
Dumisani uJah!*