UHoseya
5 “Bapristi + yizwani lokhu,
Nakani nina ndlu ka-Israyeli,
Lalelani nina ndlu yenkosi,
Ngoba nizokwahlulelwa;
Ngoba niyisicupho eMizpa
Nenethi elendlalwe phezu kweThabori. +
2 Labo abahlubukayo bangene shi emsebenzini wokubulala,
Bonke ngiyabaxwayisa.*
3 Ngiyamazi u-Efrayimi,
No-Israyeli akafihlekile kimi.
4 Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo,
Ngoba kunomoya wobufebe phakathi kwabo; +
Abamqapheli uJehova.
5 Ukuqhosha kuka-Israyeli kufakaze ngokumelene naye; +
U-Israyeli no-Efrayimi bakhutshwe isiphambeko sabo,
NoJuda ukhubeke kanye nabo. +
6 Bahamba nomhlambi wabo wezimvu nezimbuzi kanye nomhlambi wabo wezinkomo bayofuna uJehova,
Kodwa abamtholanga.
Wayesukile kubo. +
Manje bona kanye nezabelo* zabo bazoshwabadelwa ngenyanga eyodwa.
8 Shayani uphondo + eGibheya, icilongo eRama! +
Memezani nisho isiqubulo sempi eBheti-aveni +—ngemva kwakho Bhenjamini!
9 O Efrayimi, uyoba yinto eshaqisayo ngosuku lokujeziswa. +
Ngikwenze kwaziwa okuzokwenzeka nakanjani phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
10 Izikhulu zakwaJuda zifana nalabo abagudluza umngcele. +
Ngizothululela ulaka lwami phezu kwazo njengamanzi.
11 U-Efrayimi ucindezelwe, uchotshozwe isahlulelo,
Ngoba wayezimisele ukulandela isitha sakhe. +
12 Ngakho nganginjengesinambuzane* ku-Efrayimi
Nanjengokubola endlini kaJuda.
13 Lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe, noJuda ebona isilonda sakhe,
U-Efrayimi waya e-Asiriya + wathumela enkosini enkulu.
Kodwa ayikwazanga ukunelapha,
Ayikwazanga ukwelapha isilonda senu.
14 Ngoba ngizoba njengebhubesi eliselincane* ku-Efrayimi,
Nanjengebhubesi elinamandla endlini kaJuda.
15 Ngizohamba ngibuyele endaweni yami kuze kube yilapho bebhekana nemiphumela yecala labo,
Ngemva kwalokho bayofuna umusa wami. +
Lapho becindezelekile, bayongifuna.” +