AmaHubo
ElikaDavide.
28 O Jehova Dwala lami, ngiyaqhubeka ngikubiza; +
Ngilalele.
2 Yizwa ukuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuwe
Lapho ngiphakamisela izandla zami ekamelweni elingaphakathi lendlu yakho engcwele. +
3 Ungangishaneli nabantu ababi, nabenza okulimazayo, +
Labo abakhuluma amazwi okuthula nabanye abantu kodwa kube kukhona okubi ezinhliziyweni zabo. +
4 Babuyisele ngokwezenzo zabo, +
Ngokwemikhuba yabo emibi.
Babuyisele ngokwemisebenzi yezandla zabo,
Ngokwalokho abakwenzile. +
Uyobadiliza, ngeke abakhe.
6 Makadunyiswe uJehova,
Ngoba ukuzwile ukukhalela kwami usizo.
Ungisizile, inhliziyo yami iyathokoza,
Ngakho ngizomdumisa ngengoma yami.
8 UJehova ungamandla kubantu bakhe;
Uyisiphephelo, uletha insindiso enkulu kogcotshiwe wakhe. +
9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho. +
Beluse, ubathwale ngezandla zakho kuze kube phakade. +