AmaHubo
Ihubo likaDavide.
29 Nina eninamandla, nikani uJehova udumo,
Dumisani uJehova ngenxa yenkazimulo namandla akhe. +
2 Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe.
Khothamani* kuJehova nembethe izingubo ezingcwele.*
3 Izwi likaJehova lizwakala phezu kwamanzi;
UNkulunkulu okhazimulayo uduma njengezulu. +
UJehova uphezu kwamanzi amaningi. +
4 Izwi likaJehova linamandla; +
Izwi likaJehova liyakhazimula.
5 Izwi likaJehova lephula imisedari;
Yebo, uJehova wephula imisedari yaseLebhanoni ibe yizicucu. +
6 Wenza iLebhanoni* litshakadule njengenkonyane,
NeSiriyoni + litshakadule njengenkunzi yasendle esencane.
7 Izwi likaJehova liphuma kanye nemibani; +
8 Izwi likaJehova lenza ihlane lizamazame; +
UJehova wenza ihlane laseKadeshi + lizamazame.
9 Izwi likaJehova lenza inyamazane ithuthumele bese iyazala
Liphundla namahlathi. +
Bonke abasethempelini lakhe bathi: “Inkazimulo!”
10 UJehova uhlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu kwezikhukhula; *+
UJehova uhlezi esihlalweni sobukhosi njengeNkosi kuze kube phakade. +
11 UJehova uyonika abantu bakhe amandla. +
UJehova uyobusisa abantu bakhe ngokuthula. +