AmaHubo
Kumqondisi; ngenothi leMuthi-labheni.* Ihubo likaDavide.
א [Aleph]
9 O Jehova, ngizokudumisa ngayo yonke inhliziyo yami;
Ngizokhuluma ngayo yonke imisebenzi yakho emangalisayo. +
2 Ngizojabula ngethabe ngawe;
O wena oPhezukonke, ngizolihubela igama lakho. +
ב [Beth]
3 Lapho izitha zami zibaleka, +
Zizokhubeka zishabalale phambi kwakho.
4 Ngoba ungenzele ubulungisa wangimela;
Wahlulela ngokulunga uhlezi esihlalweni sakho sobukhosi. +
ג [Gimel]
5 Uzikhuzile izizwe, + wabhubhisa ababi,
Walesula phakade naphakade igama labo.
ה [He]
7 Kodwa uJehova uhleli esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube phakade; +
Usimise saqina isihlalo sakhe sobukhosi ngenjongo yobulungisa. +
ו [Waw]
9 UJehova uyoba yindawo yokuphephela* elondekile kocindezelwe, +
Indawo yokuphephela elondekile ngezikhathi zokucindezeleka. +
ז [Zayin]
11 Hubelani uJehova, ohlala eZiyoni;
Khulumani ngezenzo zakhe phakathi kwezizwe. +
12 Uyobakhumbula abahluphekile aphindiselele igazi labo; +
Ngeke akukhohlwe ukukhalela kwabo usizo. +
ח [Heth]
13 O Jehova, ngibonise umusa; bona ukuhlupheka kwami okubangelwa yilabo abangizondayo,
O wena ongikhuphula emasangweni okufa, +
14 Ukuze ngimemezele izenzo zakho ezifanelekela ukudunyiswa emasangweni endodakazi yaseZiyoni, +
Ngijabule ngensindiso yakho. +
ט [Teth]
15 Izizwe zishone phansi emgodini eziwumbile;
Unyawo lwazo lubanjwe enethini ezilifihlile. +
16 UJehova waziwa ngesahlulelo asikhiphayo. +
Omubi ubanjwe izenzo zakhe. +
Higayoni.* (Sela)
י [Yod]
17 Ababi bazoya eThuneni,*
Zonke izizwe ezimkhohlwayo uNkulunkulu.
כ [Kaph]
19 O Jehova, vuka! Ungamvumeli umuntu ofayo anqobe.
Izizwe mazahlulelwe phambi kwakho. +
20 O Jehova, zifake ukwesaba, +
Izizwe mazazi ukuthi zingabantukazana nje. (Sela)