Joshuwa
20 UJehova wathi kuJoshuwa: 2 “Khuluma nama-Israyeli, uthi: ‘Zikhetheleni amadolobha esiphephelo + engakhuluma ngawo kini ngoMose, 3 ukuze uma kukhona obulala umuntu* engahlosile noma ngephutha* abalekele khona. Ayoba isiphephelo kini kumuntu ophindiselela umufi. + 4 Kumele abalekele kwelinye lala madolobha, + afike ame esangweni ledolobha + bese ebika udaba lwakhe emadodeni amadala akulelo dolobha. Amadoda amadala kumele amamukele edolobheni, amnike indawo ahlale nawo. 5 Uma ophindiselela umufi emjaha, lowo mbulali akufanele anikelwe esandleni sakhe, ngoba ubulale umuntu wakubo engahlosile,* futhi ubekade engamzondi. + 6 Kumele ahlale kulelo dolobha kuze kube yilapho kuqulwa icala lakhe phambi kwenhlangano, + futhi kufanele ahlale lapho kuze kufe umpristi ophakeme + osuke ekhonza ngaleso sikhathi. Ngemva kwalokho umbulali angabuyela edolobheni ayebaleke kulo, aye endlini yakhe.’” +
7 Ngakho bangcwelisa* iKedeshi + eGalile ezintabeni zakwaNafetali, iShekemi + ezintabeni zakwa-Efrayimi neKiriyati-ariba, + okungukuthi iHebroni, ezintabeni zakwaJuda. 8 Esifundeni saseJordani, empumalanga yeJeriko, bakhetha iBhezeri + ehlane ezweni elisethafeni* lesizwe sakwaRubeni, iRamoti + eGileyadi esizweni sakwaGadi neGolani + eBhashani esizweni sakwaManase. +
9 Lawa kwaba amadolobha abekelwe wonke ama-Israyeli nezifiki ezihlala phakathi kwawo, ukuze noma ubani obulala umuntu* engahlosile akwazi ukubalekela khona, + ukuze angabulawa yilowo ofuna ukuphindiselela umufi lingakaqulwa icala lakhe phambi kwenhlangano. +