uJobe
8 UBhilidadi + umShuhi + waphendula wathi:
2 “Kuyoze kube nini ulokhu ukhuluma kanje? +
Amazwi omlomo wakho amane nje awumoya onamandla!
3 Ingabe uNkulunkulu uyophendukezela ubulungisa,
Noma ingabe uMninimandla Onke uyophendukezela ukulunga?
4 Uma amadodana akho onile kuye,
Uyawayeka ajeziswe ngenxa yokuvukela kwawo;*
5 Kodwa ukube wena ubuyovele ubheke kuNkulunkulu +
Uncenge umusa kuMninimandla Onke,
6 Futhi ukube ubumsulwa ngempela futhi uqotho, +
Ubeyokunaka*
Akubuyisele endaweni yakho efanele.
7 Nakuba isiqalo sakho sasisincane,
Ikusasa lakho liyoba lihle kakhulu. +
8 Ngicela ubuze isizukulwane sangaphambili,
Unake izinto oyise baso abazithola. +
9 Ngoba thina sizalwe izolo nje, asazi lutho,
Ngoba izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.
10 Ngeke yini bakufundise
Bakutshele abakwaziyo?*
11 Ibungu* lingakhula yini lapho kungenaxhaphozi khona?
Umhlanga ungakhula yini ngaphandle kwamanzi?
12 Lapho kusaqhakaza, kungakakhiwa,
Kuyokoma kuqala kunazo zonke ezinye izitshalo.
13 Lona umphumela* wabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu,
Ngoba ithemba longenaNkulunkulu* liyoshabalala,
14 Lowo ukuqiniseka kwakhe okuyize,
Nonethemba elibuthaka njengobulwembu* besicabucabu.
15 Uyoncika ngendlu yakhe, kodwa iyobhidlika;
Uyozama ukubambelela kuyo, kodwa ngeke ime iqine.
16 Uyisitshalo esigcwele amanzi elangeni,
Izitshalo zakhe ezihlumayo zisabalala engadini. +
17 Izimpande zakhe zithandela enqwabeni yamatshe;
Ufuna indlu phakathi kwamatshe.
20 Nakanjani uNkulunkulu ngeke abalahle labo abaqotho* kuye;
Futhi ngeke abasekele* ababi,
21 Ngoba uyokwenza uphinde uhleke,
Uphinde umemeze ngenjabulo.
22 Labo abakuzondayo bayombozwa ngamahloni,
Netende lababi ngeke lisaba khona.”