U-Isaya
3 Ngoba bheka! iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,
Isusa eJerusalema nakwaJuda zonke izinto ezibasekelayo neziyisidingo,
Okuwukuthi isinkwa namanzi, +
2 Indoda enamandla neqhawe,
Umahluleli nomprofethi, + umbhuli nendoda endala,
3 Induna yabangu-50, + isikhulu nomeluleki,
4 Ngizokwenza abafana babe yizikhulu zabo,
Nabantu abaguquguqukayo bazobabusa.
5 Abantu bayocindezelana,
Yilowo nalowo acindezele umuntu wakubo. +
Umfana uyohlasela ixhegu,
Nodelelekile uyophikisana nohloniphekile. +
6 Yilowo nalowo uyobamba umfowabo endlini kayise, athi:
“Wena unejazi—yiba yinduna yethu.
Busa le ndawo eyincithakalo.”
7 Kodwa uyokwala ngalolo suku, athi:
“Ngeke ngibe umbophi wamanxeba akho;*
Endlini yami anginakudla nangubo.
Ningangenzi induna yabantu.”
8 Ngoba iJerusalema likhubekile,
NoJuda uwile,
Ngoba ngezwi nangezenzo zabo bamelene noJehova;
9 Isimo sobuso babo sifakaza ngokumelene nabo,
Bakhuluma ngesono sabo njengabantu baseSodoma; +
Abazami ukusifihla.
Maye kubo ngoba bazilethela inhlekelele!
11 Maye komubi!
Uyokwehlelwa yinhlekelele,
Ngoba lokho akwenze ngezandla zakhe kuyokwenziwa nakuye!
12 Ababela isizwe sami imisebenzi bayasihlukumeza,
Sibuswa abesifazane.
Bantu bami, abaholi benu bayaninhlanhlathisa,
Bayanidukisa ezindleleni okufanele nihambe ngazo. +
13 UJehova ulungela ukubeka abantu icala;
Uyasukuma ukuze agwebe izizwe.
14 UJehova uyokwahlulela amadoda amadala nezikhulu zabantu bakhe.
“Niwashisile amasimu amagilebhisi,
Ezindlini zenu kukhona izinto enizebe kwabampofu. +
15 Nisithathaphi isibindi sokucindezela abantu bami
Nesokugaya ubuso babampofu emhlabathini?” + kusho iNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho.
16 UJehova uthi: “Ngenxa yokuthi amadodakazi aseZiyoni ayaziphakamisa,
Ahamba ngokuziqhenya,*
Abuka ngamehlo akhanukayo, ahamba etshikiza
Enza umsindo okhencezayo ngomhlobiso ofakwa ezinyaweni,
17 UJehova uzokwenza ukuba ukhakhayi lwekhanda lamadodakazi aseZiyoni lube notwayi,
UJehova uzokwenza amakhanda awo angabi nazinwele. +
18 Ngalolo suku uJehova uyosusa ubuhle bamabhengela,
Amabhande asekhanda nemihlobiso emise okwenyanga eyethwese, +
19 Amacici,* imihlobiso yasesandleni, amaveyili,
20 Iminqwazo, amaketanga okuhloba asemaqakaleni, amabhande okuhloba asesifubeni,
Namagobolondo aneziqholo nokokuzihlobisa,*
21 Izindandatho zaseminweni, amacici afakwa ekhaleni,
22 Izingubo zemikhosi, izingubo zangaphezulu, amajazi nezikhwama ezincane,
23 Izibuko eziphathwayo + nezingubo zelineni,*
Amaduku okushuqula namaveyili.
24 Esikhundleni samafutha ebhalsamu, + kuyoba khona iphunga lokubola;
Esikhundleni sebhande, intambo;
Esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, impandla; +
Esikhundleni sengubo ebizayo, ingubo yendwangu yesaka; +
Uphawu olubekwe ngokushiswa* esikhundleni sobuhle.
25 Amadoda akho ayowa ngenkemba,
Amaqhawe akho afele empini. +