uJobe
22 U-Elifazi + umThemani waphendula wathi:
2 “Ingabe umuntu angaba usizo kuNkulunkulu?
Ingabe umuntu ohlakaniphile angamzuzisa uNkulunkulu? +
3 Ingabe uMninimandla Onke unendaba* nokuthi ulungile,
Noma kukhona yini akuzuzayo ngokuthi uhamba endleleni yobuqotho? +
4 Ingabe uyokujezisa,
Akuyise enkantolo ngenxa yokuthi uyamhlonipha?
5 Akukhona yini ukuthi ububi bakho bedlulele
Futhi iziphambeko zakho azipheli? +
6 Ngoba uthatha isibambiso kubafowenu ngaphandle kwesizathu,
Uhlubula abantu izingubo zabo ubashiye benqunu. +
7 Awumphuzisi okhathele amanzi,
Uncisha olambile ukudla. +
8 Izwe elomuntu onamandla, +
Futhi kulo kuhlala othandwayo.
9 Kodwa abafelokazi ubahambise belambatha,
Wachoboza nezingalo zezintandane.*
10 Yingakho uzungezwe izicupho, *+
Nezinto ezithusayo ezingalindelekile zikwethusa;
11 Yingakho kumnyama kangangokuba awukwazi nokubona,
Futhi umbozwa isikhukhula.
12 UNkulunkulu akekho yini phezulu ezulwini?
Buka ukuthi zonke izinkanyezi ziphakeme kangakanani.
13 Kodwa wena uthe: ‘Wazini ngempela uNkulunkulu?
Angahlulela yini phakathi kwamafu amnyama?
14 Amafu ayamsitha ukuze angaboni
Njengoba ehambahamba ezulwini.’*
15 Uyoyilandela yini indlela yakudala
Abantu ababi abahambe ngayo,
16 Abantu abahlwithwe* ngaphambi kwesikhathi,
17 Babethi kuNkulunkulu weqiniso: ‘Hlukana nathi!
UMninimandla Onke angasenzani?’
18 Ekubeni kunguYena ogcwalise izindlu zabo ngezinto ezinhle.
(Anginakulokotha ngicabange into embi ngaleyo ndlela.)
19 Olungile uyokubona lokhu ajabule,
Nomsulwa uyobahleka usulu athi:
20 ‘Abamelene nathi babhuqiwe,
Umlilo uyoqothula abasele kubo.’
21 Mazi uNkulunkulu, futhi uyoba nokuthula;
Ngaleyo ndlela izinto ezinhle ziyoza kuwe.
22 Yamukela umthetho ovela emlonyeni wakhe,
Ugcine amazwi akhe enhliziyweni yakho. +
23 Uma ubuyela kuMninimandla Onke, uzovuselelwa; +
Uma ususa ukungalungi etendeni lakho,
24 Uma uphonsa igolide lakho othulini
Negolide lase-Ofiri + emihosheni enamadwala,
25 UMninimandla Onke uyoba igolide lakho,
Abe isiliva lakho lekhethelo.
26 Khona-ke injabulo yakho iyoba kuMninimandla Onke,
Uphakamisele ubuso bakho kuNkulunkulu.
27 Uyomncenga, akuzwe;
Ugcwalise izifungo zakho.
28 Noma yini onquma ukuyenza iyophumelela,
Kuyoba nokukhanya endleleni yakho.
29 Ngoba uyohlazeka lapho ukhuluma ngokuzikhukhumeza,
Kodwa uNkulunkulu uyosindisa othobekile.
30 Uyosindisa abamsulwa;
Ngakho uma izandla zakho zihlanzekile, nakanjani uyosindiswa.”