UZakariya
10 “Celani imvula kuJehova ngesikhathi semvula yasentwasahlobo.
Bakhuluma amaphupho angasizi ngalutho,
Bazama ukududuza kodwa abaphumeleli.
Yingakho beyozulazula njengomhlambi wezimvu.
Bayohlupheka ngoba akukho malusi.
3 Intukuthelo yami iyabavuthela abelusi,
Ngizokwenza ukuba abaholi abacindezelayo* balandise;
Ngoba uJehova wamabutho uwunakile umhlambi wakhe, + indlu yakwaJuda,
Wawenza waba njengehhashi lakhe elikhazimulayo empini.
4 Iphuma kuye indoda eyinhloko,*
Uphuma kuye umbusi osekelayo,*
Uphuma kuye umnsalo wempi;
Bonke ababonisi* baphuma kuye, bonke behlangene.
5 Bazoba njengamaqhawe,
Anyathela odakeni emigwaqweni empini.
6 Ngizokwenza indlu kaJuda iphakame,
Indlu kaJosefa ngizoyisindisa. +
Ngizobabuyisela ezweni labo,
Ngoba ngizobabonisa isihe; +
Kuzoba njengokungathi angikaze ngibalahle; +
Ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo, ngizobaphendula.
7 Abakwa-Efrayimi bazoba njengeqhawe,
Izinhliziyo zabo zizojabula njengokungathi baphuze iwayini +
Amadodana abo azokubona lokhu ajabule;
Izinhliziyo zawo zizojabula ngoJehova. +
9 Nakuba ngibasakaza njengembewu phakathi kwezizwe,
Bayongikhumbula besezindaweni ezikude;
Bayovuseleleka kanye namadodana abo babuye.
10 Ngiyobalanda ezweni laseGibhithe;
Ngibaqoqe basuke e-Asiriya; +
Ngibalethe ezweni laseGileyadi + naseLebhanoni,
Ngeke ibe khona indawo eyanele yabo. +
11 Ngiyodabula olwandle ngokucindezeleka;
Olwandle ngiyoshaya amagagasi; +
Zonke izindawo ezijulile zeNayile ziyokoma.
Ukuziqhenya kwe-Asiriya kuyokwehliswa,
Intonga yeGibhithe iyosuka. +
12 Mina Jehova, ngiyobenza baphakame, +
Bayohamba ngegama lami,’ + kusho uJehova.”