Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 23
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • Ukufa kukaSara nendawo angcwatshwa kuyo (1-20)

Genesise 23:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 17:17

Genesise 23:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 14:15
  • +Gen 35:27; Num 13:22
  • +Gen 12:5

Genesise 23:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 10:15

Genesise 23:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 17:1, 8; Heb 11:9, 13

Genesise 23:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “Uyisikhulu esikhulu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 21:22

Genesise 23:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +1 IziKr. 1:13

Genesise 23:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 23:15
  • +Gen 25:9, 10; 49:29-33; 50:13, 14

Genesise 23:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rut 4:1

Genesise 23:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.

Genesise 23:16

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 7:15, 16

Genesise 23:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 25:9, 10; 49:29-33; 50:13, 14

Okunye

Gen. 23:1Gen 17:17
Gen. 23:2Jos 14:15
Gen. 23:2Gen 35:27; Num 13:22
Gen. 23:2Gen 12:5
Gen. 23:3Gen 10:15
Gen. 23:4Gen 17:1, 8; Heb 11:9, 13
Gen. 23:6Gen 21:22
Gen. 23:71 IziKr. 1:13
Gen. 23:9Gen 23:15
Gen. 23:9Gen 25:9, 10; 49:29-33; 50:13, 14
Gen. 23:10Rut 4:1
Gen. 23:16IzE 7:15, 16
Gen. 23:20Gen 25:9, 10; 49:29-33; 50:13, 14
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 23:1-20

Genesise

23 USara waphila iminyaka engu-127; leyo kwakuyiminyaka eyaphilwa uSara. + 2 USara wafela eKiriyati-ariba, + okungukuthi, eHebroni, + ezweni laseKhanani, + u-Abrahama waqala ukumlilela nokumkhalela uSara. 3 U-Abrahama wabe esesukuma phambi komkakhe oshonile wayesethi emadodaneni kaHeti: + 4 “Ngingowakwelinye izwe futhi ngiyisifiki phakathi kwenu. + Nginikeni indawo ezoba indawo yokungcwaba phakathi kwenu ukuze ngingcwabe umkami.” 5 Amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama: 6 “Silalele, nkosi yami. Uyisikhulu sikaNkulunkulu* phakathi kwethu. + Ungamngcwaba umkakho endaweni ekhetheke kunazo zonke izindawo zethu zokungcwaba. Akekho noyedwa kithi ozokugodlela indawo yakhe yokungcwaba, akuvimbele ukuba ungcwabe umkakho.”

7 Ngakho u-Abrahama wasukuma waguqa wayesekhothama kubantu bakulelo zwe, emadodaneni kaHeti, + 8 wathi kubo: “Uma ningivumela ukuba ngithathe umkami ngiyomngcwaba, ngilaleleni nincenge u-Efroni indodana kaZohari 9 ukuba angidayisele umhume wakhe waseMakaphela; usemaphethelweni ensimu yakhe. Makangidayisele wona nikhona ngenani eliphelele lesiliva + ukuze ngibe nendawo yokungcwaba.” +

10 Manje u-Efroni wayehlezi namadodana kaHeti. Ngakho u-Efroni umHeti waphendula u-Abrahama kuzwa amadodana kaHeti naphambi kwabo bonke abangena esangweni ledolobha, + wathi: 11 “Cha, nkosi yami! Ngilalele. Ngikunika kokubili insimu nomhume okuyo. Ngikunika kona kukhona amadodana abantu bakithi. Ngcwaba umkakho.” 12 U-Abrahama waguqa wayesekhothama phambi kwabantu bakulelo zwe 13 wakhuluma no-Efroni kuzwa abantu, wathi: “Ngicela ungilalele. Ngizokunika inani eliphelele lesiliva wena unginike insimu. Lithathe, ukuze ngingcwabe umkami kuyo.”

14 Ngemva kwalokho u-Efroni wamphendula u-Abrahama: 15 “Nkosi yami, ngilalele. Le ndawo ibiza amashekeli* esiliva angu-400, kodwa lokho akubalulekile kangako. Ngakho ngcwaba umkakho.” 16 U-Abrahama wamlalela u-Efroni, u-Abrahama wakalela u-Efroni inani lesiliva ayelishilo kuzwa amadodana kaHeti, amashekeli* esiliva angu-400 ngokwesisindo esasamukelwa abathengisi. + 17 Ngakho insimu ka-Efroni eseMakaphela, eyayiphambi kwaseMamre—insimu nomhume okuyo nazo zonke izihlahla ezingaphakathi komngcele wensimu—kwaqinisekiswa 18 njengendawo ka-Abrahama ayithenge kukhona amadodana kaHeti, phambi kwabo bonke ababengena ngesango ledolobha. 19 Ngemva kwalokho u-Abrahama wamngcwaba umkakhe uSara emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kwaseMamre, okungukuthi, eHebroni, ezweni laseKhanani. 20 Ngakho insimu nomhume owawukuyo, amadodana kaHeti akudlulisela ku-Abrahama njengendawo yokungcwaba. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela