Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 IziKronike 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 IziKronike Okuphakathi

      • U-Abhiya, inkosi yakwaJuda (1-22)

        • U-Abhiya unqoba uJerobowamu (3-20)

2 IziKronike 13:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 15:1, 2

2 IziKronike 13:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 11:20, 21
  • +Jos 18:28; 1Sa 10:26
  • +1Kh 15:6

2 IziKronike 13:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “akhethiwe.”

  • *

    NgesiHebheru, “akhethiwe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 11:1

2 IziKronike 13:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Okuwukuthi, isivumelwano saphakade esingenakushintsha.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 49:10; 2Sa 7:8; IHu 78:70, 71
  • +2Sa 7:12, 13; 1 IziKr. 17:11, 14; Luk 1:32
  • +IHu 89:28, 29

2 IziKronike 13:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 10:2
  • +1Kh 11:26, 27; 12:20

2 IziKronike 13:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 12:26, 28; 2Kr 11:15

2 IziKronike 13:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 11:14
  • +1Kh 12:31, 33; 13:33

2 IziKronike 13:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 11:16

2 IziKronike 13:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Okuwukuthi, isinkwa sokubukwa.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 29:39
  • +Eks 30:1
  • +Eks 25:30
  • +Eks 25:31
  • +Eks 27:20

2 IziKronike 13:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 10:9

2 IziKronike 13:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 14:11; 18:31

2 IziKronike 13:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “akhethiwe.”

2 IziKronike 13:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 18:1, 5; 1 IziKr. 5:20; 2Kr 16:8; IHu 22:5; 37:5; Nah 1:7

2 IziKronike 13:19

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “alizungezile.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 12:28, 29
  • +Joh 11:54

2 IziKronike 13:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 25:38; 1Kh 14:20; IzE 12:21-23

2 IziKronike 13:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 17:17

2 IziKronike 13:22

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “esichasiselweni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 9:29; 12:15

Okunye

2 IziKr. 13:11Kh 15:1, 2
2 IziKr. 13:22Kr 11:20, 21
2 IziKr. 13:2Jos 18:28; 1Sa 10:26
2 IziKr. 13:21Kh 15:6
2 IziKr. 13:32Kr 11:1
2 IziKr. 13:5Gen 49:10; 2Sa 7:8; IHu 78:70, 71
2 IziKr. 13:52Sa 7:12, 13; 1 IziKr. 17:11, 14; Luk 1:32
2 IziKr. 13:5IHu 89:28, 29
2 IziKr. 13:62Kr 10:2
2 IziKr. 13:61Kh 11:26, 27; 12:20
2 IziKr. 13:81Kh 12:26, 28; 2Kr 11:15
2 IziKr. 13:92Kr 11:14
2 IziKr. 13:91Kh 12:31, 33; 13:33
2 IziKr. 13:102Kr 11:16
2 IziKr. 13:11Eks 29:39
2 IziKr. 13:11Eks 30:1
2 IziKr. 13:11Eks 25:30
2 IziKr. 13:11Eks 25:31
2 IziKr. 13:11Eks 27:20
2 IziKr. 13:12Num 10:9
2 IziKr. 13:142Kr 14:11; 18:31
2 IziKr. 13:182Kh 18:1, 5; 1 IziKr. 5:20; 2Kr 16:8; IHu 22:5; 37:5; Nah 1:7
2 IziKr. 13:191Kh 12:28, 29
2 IziKr. 13:19Joh 11:54
2 IziKr. 13:201Sa 25:38; 1Kh 14:20; IzE 12:21-23
2 IziKr. 13:21Dut 17:17
2 IziKr. 13:222Kr 9:29; 12:15
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 IziKronike 13:1-22

Eyesibili YeziKronike

13 Ngonyaka ka-18 weNkosi uJerobowamu u-Abhiya waba yinkosi kwaJuda. + 2 Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMikhaya + indodakazi ka-Uriyeli waseGibheya. + Kwakunempi phakathi kuka-Abhiya noJerobowamu. +

3 Ngakho u-Abhiya waya empini nebutho lamaqhawe anamandla aqeqeshiwe* angu-400 000. + UJerobowamu yena wahlela amadoda aqeqeshiwe* angu-800 000 ukuze ayolwa naye, amaqhawe anamandla. 4 U-Abhiya wama eNtabeni iZemarayimi, esesifundeni esinezintaba sakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizwe Jerobowamu nawo wonke u-Israyeli. 5 Anazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide igunya lokubusa u-Israyeli kuze kube phakade, + yena namadodana akhe, + ngesivumelwano sikasawoti? *+ 6 Kodwa uJerobowamu + indodana kaNebhati, inceku yendodana kaDavide uSolomoni, wasukuma wadlubulunda enkosini yakhe. + 7 Amadoda angomahlalela, angelusizo lwalutho ayelokhu eqoqanela ngakuye. Aba namandla ngaphezu kukaRehobowamu indodana kaSolomoni, ngesikhathi uRehobowamu esemncane futhi esenovalo, akakwazanga ukumelana nabo.

8 “Manje nina, nicabanga ukuthi ningamelana nombuso kaJehova ophethwe amadodana kaDavide ngoba niyisixuku esikhulu futhi ninamathole egolide uJerobowamu anenzela wona ukuba abe onkulunkulu benu. + 9 Anizange yini nixoshe abapristi bakaJehova, + inzalo ka-Aroni kanye namaLevi, futhi anizange yini nizimisele abenu abapristi njengoba kwenza izizwe zakwamanye amazwe? + Noma ubani owayeza nethole leduna nezinqama eziyisikhombisa wayengaba umpristi walokho okungebona onkulunkulu. 10 Thina, uJehova unguNkulunkulu wethu, + asizange simshiye; abapristi bethu, inzalo ka-Aroni, bakhonza uJehova, namaLevi ayasiza emsebenzini. 11 Bashunqisela uJehova iminikelo eshiswayo njalo ekuseni nakusihlwa + kanye nempepho enamakha, + izinkwa ezibekwa zitakelane *+ zisetafuleni legolide elihlanzekile, bakhanyisa uthi lwesibani lwegolide + nezibani zalo njalo kusihlwa, + ngoba sigcina isibopho sethu kuJehova uNkulunkulu wethu; kodwa nina nimshiyile. 12 Manje bhekani! uNkulunkulu weqiniso unathi, uyasihola kanye nabapristi bakhe namacilongo awuphawu lokuzwakalisa inhlabamkhosi yempi ngokumelene nani. O madoda akwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wokhokho benu, ngoba ngeke niphumelele.” +

13 Kodwa uJerobowamu wathumela abantu abazobahlasela ngemuva, kangangokuba bona baba ngaphambi kukaJuda, laba bahlaseli babengemva kwabo. 14 Lapho abakwaJuda bephenduka, babona ukuthi kwakudingeka balwe nabantu abaqhamuka ngaphambili nangemuva. Ngakho baqala ukukhala kuJehova, + kuyilapho abapristi beshaya amacilongo kakhulu. 15 Amadoda akwaJuda asho isiqubulo sempi, kwathi lapho ememeza isiqubulo sempi, uNkulunkulu weqiniso wamhlula uJerobowamu nawo wonke u-Israyeli phambi kuka-Abhiya noJuda. 16 Ama-Israyeli ambalekela uJuda, uNkulunkulu wawanikela esandleni sakhe. 17 U-Abhiya nabantu bakhe babulala abantu abaningi kakhulu kuwo, ababulewe bakwa-Israyeli babengamadoda aqeqeshiwe* angu-500 000. 18 Ngakho abantu bakwa-Israyeli bathotshiswa ngaleso sikhathi, kodwa abakwaJuda baba namandla ngoba babencike kuJehova uNkulunkulu wokhokho babo. + 19 U-Abhiya wayelokhu emjaha uJerobowamu wathumba amadolobha kuye, iBhethele + namadolobhana angaphansi kwalo,* iJeshana namadolobhana angaphansi kwalo, ne-Efrayini + namadolobhana angaphansi kwalo. 20 UJerobowamu akaphindanga waba namandla ngesikhathi sika-Abhiya; uJehova wamshaya, wafa. +

21 U-Abhiya waqhubeka eba namandla. Ngokuhamba kwesikhathi wathatha abafazi abangu-14, + wazala amadodana angu-22 namadodakazi angu-16. 22 Wonke omunye umlando ka-Abhiya, izenzo zakhe namazwi akhe, ulotshwe emibhalweni* yomprofethi u-Ido. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela