UJeremiya
47 Leli yizwi uJehova alitshela uJeremiya umprofethi ngokuphathelene namaFilisti, + ngaphambi kokuba uFaro ashaye iGaza. 2 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Bheka! Kuza amanzi evela enyakatho.
Azoba yisikhukhula.
Azokhukhula izwe nakho konke okukulo,
Idolobha nalabo abahlala kulo.
Amadoda azokhala,
Wonke umuntu ohlala ezweni uzokhala kakhulu.
3 Lapho kuzwakala umsindo wezigi zezinselo zamahhashi akhe amaduna,
Lapho kugedlezela izinqola zakhe zempi,
Namasondo akhe ebanga umsindo,
Obaba bayabaleka
Ngoba abanaso ngisho nesibindi sokusindisa izingane zabo,
4 Ngoba usuku oluzayo luzobhubhisa wonke amaFilisti; +
Ngalolo suku kuyobhujiswa wonke umuntu owayesiza osele eThire + naseSidoni. +
5 Kuyofika usizi* eGaza.
I-Ashikeloni lithulisiwe. +
O nina enisele ethafeni,
Kuyoze kube nini nizisika? +
6 O nkemba kaJehova! +
Kuyoze kube nini ungahlali uthule?
Ngena esikhwameni sakho.
Phumula uthule.
7 Ingathula kanjani
Lapho uJehova eyiyalile?
Ngokumelene ne-Ashikeloni nogu lolwandle, +
Yilapho ayabele khona.”