Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 6
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • Amadodana kaNkulunkulu azithathela abafazi emhlabeni (1-3)

      • Kuzalwa amaNefili (4)

      • UJehova uyadabuka ngobubi babantu (5-8)

      • UNowa uthunywa ukuba akhe umkhumbi (9-16)

      • UNkulunkulu umemezela ukuza kukaZamcolo (17-22)

Genesise 6:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Lesi yisisho sesiHebheru esibhekisela emadodaneni kaNkulunkulu ayizingelosi.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Job 1:6; 38:7; 2Pe 2:4; Jud 6

Genesise 6:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngoba wenza ngokuvumelana nenyama.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:4; 1Pe 3:20
  • +2Pe 3:9

Genesise 6:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Kungenzeka lisho “abaWisi,” okusho ukuthi, labo abawisa abanye. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Genesise 6:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 8:21; Jer 17:9; Mat 15:19

Genesise 6:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “waba lusizi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 78:40, 41

Genesise 6:9

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Wayengasoleki.”

  • *

    NgesiHebheru, “kwezizukulwane zakhe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:1; Hez 14:14; Heb 11:7
  • +2Pe 2:5

Genesise 6:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 5:32

Genesise 6:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +IsA 11:18
  • +Mat 24:37-39; 2Pe 2:5

Genesise 6:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:4

Genesise 6:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ibhokisi”; umkhumbi omkhulu.

  • *

    Noma, “ngekolitayi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Heb 11:7
  • +Gen 14:10; Eks 2:3

Genesise 6:16

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “uphahla.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:16

Genesise 6:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “imvula enkulu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 1:7; 7:6, 11
  • +Gen 7:21; IHu 104:29; Mat 24:39; 2Pe 2:5

Genesise 6:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:13

Genesise 6:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 8:17
  • +Gen 7:2

Genesise 6:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:14, 15

Genesise 6:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 1:29, 30

Genesise 6:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 40:16; Heb 11:7

Okunye

Gen. 6:2Job 1:6; 38:7; 2Pe 2:4; Jud 6
Gen. 6:3Gen 7:4; 1Pe 3:20
Gen. 6:32Pe 3:9
Gen. 6:5Gen 8:21; Jer 17:9; Mat 15:19
Gen. 6:6IHu 78:40, 41
Gen. 6:9Gen 7:1; Hez 14:14; Heb 11:7
Gen. 6:92Pe 2:5
Gen. 6:10Gen 5:32
Gen. 6:12IsA 11:18
Gen. 6:12Mat 24:37-39; 2Pe 2:5
Gen. 6:13Gen 7:4
Gen. 6:14Heb 11:7
Gen. 6:14Gen 14:10; Eks 2:3
Gen. 6:16Gen 7:16
Gen. 6:17Gen 1:7; 7:6, 11
Gen. 6:17Gen 7:21; IHu 104:29; Mat 24:39; 2Pe 2:5
Gen. 6:18Gen 7:13
Gen. 6:19Gen 8:17
Gen. 6:19Gen 7:2
Gen. 6:20Gen 7:14, 15
Gen. 6:21Gen 1:29, 30
Gen. 6:22Eks 40:16; Heb 11:7
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 6:1-22

Genesise

6 Manje lapho abantu beqala ukwanda emhlabeni futhi bezala amadodakazi, 2 amadodana kaNkulunkulu weqiniso* + aqaphela ukuthi amadodakazi abantu ayemahle. Ngakho azithathela wona aba abafazi bawo, wonke lawo ayewakhetha. 3 Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Umoya wami ngeke umbekezelele kuze kube phakade umuntu, + ngoba umane nje uyinyama.* Ngakho izinsuku zakhe zizoba iminyaka engu-120.” +

4 Kwakukhona amaNefili* emhlabeni ngalezo zinsuku nakamuva. Phakathi naleso sikhathi amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqhubeka elala namadodakazi abantu futhi ewazalela amadodana. Ayengabantu abanamandla bakudala, amadoda odumo.

5 Ngenxa yalokho, uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni nokuthi imicabango nezifiso zenhliziyo yakhe kwakukubi ngaso sonke isikhathi. + 6 UJehova wadabuka* ngokuthi wayenze abantu emhlabeni futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe. + 7 Ngakho uJehova wathi: “Ngizobaqeda nya emhlabeni abantu engibadalile, umuntu nezilwane ezifuywayo, izilwane ezihuquzelayo nezilwane ezindizayo zamazulu, ngoba ngiyadabuka ngokuthi ngikwenzile.” 8 Kodwa uNowa wathola umusa kuJehova.

9 Lona umlando kaNowa.

UNowa wayeyindoda elungile. + Akabanga naphutha* phakathi kwabantu besikhathi sakhe.* UNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso. + 10 Ngemva kwesikhathi, uNowa wazala amadodana amathathu, uShemi, uHamu noJafete. + 11 Kodwa umhlaba wawusuwonakele emehlweni kaNkulunkulu weqiniso futhi wawusugcwele ubudlova. 12 UNkulunkulu wabuka umhlaba futhi wawonakalisiwe; + bonke abantu babenza izinto ezimbi kakhulu emhlabeni. +

13 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukuqeda yonke inyama, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo, ngakho ngiyayiqothula kanye nomhlaba. + 14 Zenzele umkhumbi* ngezingodo zesihlahla esikhipha inomfi. + Uzokwenza amakamelo emkhunjini uwuhuqe ngetiyela* + ngaphakathi nangaphandle. 15 Nansi indlela ozowenza ngayo: Umkhumbi kufanele ube amamitha angu-134 ubude, angu-22 ububanzi, nangu-13 ukuphakama. 16 Uzokwenza ifasitela* lomkhumbi ukuze kukhanye, cishe uhhafu wemitha uma usuka phezulu. Umnyango womkhumbi kufanele uwubeke ohlangothini lwawo, + umkhumbi uwenze ube nesitezi sokuqala, isitezi sesibili nesitezi sesithathu.

17 “Mina ngizoletha uzamcolo* + emhlabeni ukuze ngiqothule phansi kwamazulu yonke inyama okukhona kuyo umoya wokuphila. Konke okusemhlabeni kuzoshabalala. + 18 Ngenza nesivumelwano sami nawe, kumele ungene emkhunjini, wena namadodana akho, umkakho nabafazi bamadodana akho. + 19 Kufanele ungenise emkhunjini izilwane eziphilayo + ngazimbili zazo zonke izinhlobo ukuze uzigcine ziphila kanye nawe, esensikazi neseduna; + 20 ezilwaneni ezindizayo ngezinhlobo zazo, ezilwaneni ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nakuzo zonke izilwane ezihuquzelayo zomhlaba ngezinhlobo zazo, kuyongena lapho kuwe ezimbili ohlotsheni ngalunye ukuze uzigcine ziphila. + 21 Wena-ke kumele uqoqe futhi uzithathele zonke izinhlobo zokudla ozokudla, + kube ukudla kwakho nokwezilwane.”

22 UNowa wenza konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela