uJobe
6 UJobe waphendula wathi:
2 “Ukube nje ukukhathazeka kwami + bekungakalwa konke
Kubekwe ezikalini kanye nokuhlupheka kwami!
3 Ngoba manje kusinda ngaphezu kwezihlabathi zezilwandle.
Yingakho amazwi ami abengasho lutho. *+
4 Ngoba imicibisholo yoMninimandla Onke ingihlabile,
Umoya wami uphuza ubuthi bayo; +
Izinto ezisabisayo ezivela kuNkulunkulu zilinde ukumelana nami.
5 Imbongolo yasendle + iyokhala yini lapho inotshani,
Noma inkunzi iyobhonga yini lapho inefolishi?
6 Ukudla okuduma kuyadleka yini ngaphandle kukasawoti,
Noma bukhona yini ubumnandi ejusini yezithelo ezinamfukayo?
7 Ngenqabile ukuthinta izinto ezinjalo.
Zifana nobuthi ekudleni kwami.
8 Ukube nje isicelo sami besingamukelwa,
UNkulunkulu anginike engikufisayo!
9 Ukube uNkulunkulu ubengazimisela ukungichoboza,
Ukube ubengelula isandla sakhe aqede ngami! +
10 Ngoba nalokho bekuyongiduduza;
Bengiyogxumagxuma yinjabulo naphezu kobuhlungu obungapheli,
Ngoba angizange ngiwaphike amazwi oNgcwele. +
11 Nginawo yini amandla okuqhubeka ngilindile? +
Ngiyophelelaphi uma ngiqhubeka ngiphila?*
12 Ingabe amandla ami anjengawedwala?
Noma ingabe inyama yami yenziwe ngethusi?
13 Ingabe ikhona indlela engingazisiza ngayo
Njengoba ingasekho indlela engizisekela ngayo?
16 Imnyama ngenxa yeqhwa,
Kuyo kufihleke iqhwa elincibilikayo.
17 Kodwa ngenkathi efanele ayibi nawo amanzi bese iyaphela;
Lapho kushisa, iyoma.
18 Imizila yayo iphambukisiwe;
Igelezela ogwadule ishabalale.
20 Zinamahloni ngoba beziqiniseka ngokuthi zizothola amanzi;
Zifike khona zadumazeka.
22 Ngike ngasho yini ukuthi, ‘Nginikeni okuthile,’
Noma ngacela ukuba ningiphe isipho engcebweni yenu?
23 Ngike ngacela yini ukuba ngisindiswe esandleni sesitha,
Noma ukuba ngisindiswe* kubacindezeli?
24 Ngiyale, mina ngizothula; +
Ngisize ngiqonde iphutha lami.
25 Amazwi ashiwo ngobuqotho awabuhlungu! +
Kodwa iyiphi inzuzo engatholakala ekusoleni kwenu? +
26 Ingabe niceba ukusola amazwi ami,
Amazwi omuntu ophelelwe ithemba, + apheshulwa umoya?
28 Manje phendukani ningibheke,
Ngoba ngeke ngiqambe amanga kini.
29 Ngicela nicabangisise—ningangahluleli ngokungeyikho—
Ngiyanicela, cabangisisani, ngoba ukulunga kwami akukashintshi.
30 Ingabe ulimi lwami lukhuluma okungalungile?
Ingabe ulwanga lwami alukwazi ukuzwa ukuthi kukhona okungalungile?