Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Jeremiya 41
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Jeremiya Okuphakathi

      • UGedaliya ubulawa u-⁠Ishmayeli (1-10)

      • U-Ishmayeli ubalekela uJohanani (11-18)

Jeremiya 41:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “owayeyimbewu yombuso.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:23; Jer 40:14
  • +2Kh 25:25

Jeremiya 41:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 12:1
  • +Jos 18:1
  • +1Kh 16:23, 24
  • +Lev 19:27, 28; Dut 14:1
  • +Lev 2:1

Jeremiya 41:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 15:22; 2Kr 16:6

Jeremiya 41:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 40:12
  • +Jer 40:7
  • +Jer 40:14

Jeremiya 41:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 40:13; 43:2

Jeremiya 41:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 40:6

Jeremiya 41:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 41:2

Jeremiya 41:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 35:19
  • +2Kh 25:26; Jer 42:14; 43:7

Jeremiya 41:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 41:2

Okunye

Jer. 41:12Kh 25:23; Jer 40:14
Jer. 41:12Kh 25:25
Jer. 41:51Kh 12:1
Jer. 41:5Jos 18:1
Jer. 41:51Kh 16:23, 24
Jer. 41:5Lev 19:27, 28; Dut 14:1
Jer. 41:5Lev 2:1
Jer. 41:91Kh 15:22; 2Kr 16:6
Jer. 41:10Jer 40:12
Jer. 41:10Jer 40:7
Jer. 41:10Jer 40:14
Jer. 41:11Jer 40:13; 43:2
Jer. 41:14Jer 40:6
Jer. 41:16Jer 41:2
Jer. 41:17Gen 35:19
Jer. 41:172Kh 25:26; Jer 42:14; 43:7
Jer. 41:18Jer 41:2
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Jeremiya 41:1-18

UJeremiya

41 Ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli + indodana kaNethaniya indodana ka-Elishama, owayezalwa ebukhosini,* engenye yamadoda avelele enkosi, weza namanye amadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa. + Njengoba babedla ndawonye eMispa, 2 u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayekanye naye, basukuma babulala uGedaliya indodana ka-Ahikamu indodana kaShafani ngenkemba. Ngakho wambulala lowo inkosi yaseBhabhiloni eyayimmise phezu kwezwe. 3 U-Ishmayeli wabulala nawo wonke amaJuda ayenoGedaliya eMispa kanye namasosha amaKhaledi ayelapho.

4 Ngosuku lwesibili ngemva kokuba uGedaliya ebulewe, kungakazi muntu ngakho, 5 kwafika amadoda angu-80 evela eShekemi, + eShilo + naseSamariya. + Izintshebe zawo zigundiwe, izingubo zawo ziklebhukile, ezisikile, + ephethe iminikelo yokudla okusanhlamvu nempepho enephunga elimnandi + ekulethe endlini kaJehova. 6 Ngakho u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa eyowahlangabeza, ehamba ekhala. Lapho efika kuwo wathi: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.” 7 Kodwa lapho engena edolobheni, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya kanye namadoda ayekanye naye bawabulala bawaphonsa emthonjeni.

8 Amadoda ayishumi phakathi kwawo athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali ngoba sifihle ukolweni, ibhali, amafutha noju ehlane.” Ngakho akawabulalanga, wona nabafowabo. 9 U-Ishmayeli waphonsa zonke izidumbu zamadoda ayewabulele emthonjeni omkhulu, lowo owenziwa yiNkosi u-Asa ngenxa kaBhahasha inkosi yakwa-Israyeli. + Yiwo u-Ishmayeli indodana kaNethaniya awugcwalisa ngamadoda abulewe.

10 U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMispa, + kuhlanganise namadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yonogada ayebabeke ngaphansi kukaGedaliya + indodana ka-Ahikamu. U-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba wawelela kwa-Amoni. +

11 Lapho uJohanani + indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye bezwa ngakho konke okubi u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ayekwenzile, 12 bathatha wonke amadoda bahamba bayolwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamthola ngasechibini elikhulu eliseGibheyoni.

13 Bonke abantu ababeno-Ishmayeli bajabula lapho bebona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye. 14 Bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa + baphenduka, baphindela emuva noJohanani indodana kaKhareya. 15 U-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda akanye naye angu-8 baphunyuka kuJohanani, baya kwa-Amoni.

16 UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikanye naye, bathatha bonke abantu ababesele eMispa, labo ababebasindise ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya ngemva kokuba ebulale uGedaliya + indodana ka-Ahikamu. Balanda amadoda, amasosha, abesifazane, izingane nezikhulu zegceke eGibheyoni. 17 Ngakho bahamba bahlala endaweni yaseKimihamu eseduze kweBhetlehema, + behlose ukuqhubekela eGibhithe + 18 ngenxa yamaKhaledi. Ngoba base bewesaba njengoba u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ayebulale uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBhabhiloni eyayimmise phezu kwezwe. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela