Eyokuqala YeziKronike
12 Lawa kwakungamadoda eza kuDavide eZikilagi + ngesikhathi engakwazi ukuhamba ngokukhululekile ngenxa kaSawule + indodana kaKishi, ayephakathi kwamaqhawe anamandla ayemsekela empini. + 2 Ayehlome ngomnsalo, ekwazi ukusebenzisa isandla sokudla nesobunxele + ukuze ajikijele amatshe ngendwayimane + noma acibishele imicibisholo ngomnsalo. Ayengabafowabo bakaSawule wakwaBhenjamini. + 3 U-Ahiyezeri wayeyinhloko yawo kanye noJowashi, bobabili bengamadodana kaShemaha waseGibheya; + uJeziyeli noPhelethi amadodana ka-Azimaveti, + uBherakha noJehu umAnathoti, 4 u-Ishimaya waseGibheyoni, + iqhawe elinamandla elaliphakathi kwabangamashumi amathathu + futhi libengamele; uJeremiya, uJahaziyeli, uJohanani, uJozabhadi waseGedera, 5 u-Eluzayi, uJerimoti, uBehaliya, uShemariya, uShefathiya umHarifi, 6 u-Elkana, u-Ishiyahu, u-Azareli, uJowezeri noJashobeyamu abangamaKhora; + 7 uJowela noZebadiya amadodana kaJerohamu waseGedori.
8 Abanye bakwaGadi baya ohlangothini lukaDavide esigodlweni ehlane; + babengamaqhawe anamandla, amasosha aqeqeshelwe impi, babemi ngomumo bephethe amahawu amakhulu nemikhonto, benobuso obunjengobamabhubesi futhi benejubane njengezinyamazane ezintabeni. 9 U-Ezeri wayeyinhloko, u-Obadiya engowesibili, u-Eliyabe engowesithathu, 10 uMishimana engowesine, uJeremiya engowesihlanu, 11 u-Athayi engowesithupha, u-Eliyeli engowesikhombisa, 12 uJohanani engoka-8, u-Elizabadi engoka-9, 13 uJeremiya engoweshumi, uMakibhanayi engoka-11. 14 Laba babengabakwaGadi, + izinhloko zebutho lempi. Omncane kunabo bonke wayengalwa nabangu-100, omkhulu kunabo bonke engalwa nabangu-1 000. + 15 Lawa amadoda awela iJordani ngenyanga yokuqala lapho ligcwele kakhulu, axosha bonke ababehlala emathafeni, empumalanga nasentshonalanga.
16 Amanye amadoda akwaBhenjamini nawakwaJuda nawo afika kuDavide esigodlweni sakhe. + 17 UDavide waphuma waya kuwo wathi: “Uma kuwukuthi nize kimi ngokuthula ukuzongisiza, inhliziyo yami izoba munye nani. Kodwa uma kuwukuthi nizele ukuzonginikela kwabaphikisana nami ngibe ngingenzanga lutho olubi, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho ahlulele.” + 18 Umoya wehlela* ku-Amasayi, + inhloko yabangamashumi amathathu, wathi:
“Singabakho Davide, sikanye nawe ndodana kaJese. +
Ukuthula, ukuthula makube ngokwakho, kube ukuthula nakulowo okusizayo,
Ngoba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” +
Ngakho uDavide wabemukela wabamisa ukuba babe phakathi kwezinhloko zamaviyo.
19 Abanye bakwaManase nabo baqembukela kuDavide lapho eza namaFilisti ezolwa noSawule; kodwa akazange awasize amaFilisti ngoba ngemva kokucebisana, amakhosi amaFilisti + amxosha, ethi: “Uzoqembukela enkosini yakhe uSawule bese ukuphila kwethu kuba sengozini.” + 20 Lapho eya eZikilagi, + laba bahlamukela kuye bevela kwaManase: u-Adina, uJozabhadi, uJediyayeli, uMikayeli, uJozabhadi, u-Elihu noZilethayi, izinhloko zezinkulungwane zakwaManase. + 21 Basiza uDavide ekulweni neviyo labaphangi, ngoba bonke babengamadoda anamandla nanesibindi, + futhi baba izinduna ebuthweni lempi. 22 Usuku nosuku abantu babelokhu beza kuDavide + bezomsiza, kwaze kwaba ikamu elikhulu njengekamu likaNkulunkulu. +
23 Leli inani lezinhloko zalabo ababehlomele impi abeza kuDavide eHebroni + bezomnika ubukhosi bukaSawule ngokuvumelana nomyalo kaJehova. + 24 Amadoda akwaJuda aphatha amahawu amakhulu nemikhonto ayengu-6 800, ehlomele impi. 25 KwabakwaSimeyoni, amadoda anamandla nanesibindi ebutho lempi ayengu-7 100.
26 KumaLevi ayengu-4 600. 27 UJehoyada + wayengumholi wamadodana ka-Aroni, + kanye naye kwakunamadoda angu-3 700, 28 noZadoki + insizwa enamandla nenesibindi, kanye nezinduna ezingu-22 ezivela emndenini kayise.
29 KwabakwaBhenjamini, abafowabo bakaSawule, + kwakunamadoda angu-3 000, iningi labakwaBhenjamini lalikade liqapha indlu kaSawule. 30 Kwabakwa-Efrayimi kwakunamadoda odumo, anamandla nanesibindi angu-20 800 phakathi kwemindeni yoyise.
31 Kuhhafu wesizwe sakwaManase kwakunamadoda angu-18 000 ayegagulwe ngamagama ukuba azobeka uDavide abe inkosi. 32 Esizweni sakwa-Isakare esasiqonda izikhathi sazi nalokho okufanele kwenziwe u-Israyeli, kwakunezinduna zaso ezingu-200, futhi bonke abafowabo* babengaphansi kwaso. 33 KwaZebhuloni kwakunamadoda angu-50 000 ayelungele impi, enazo zonke izikhali zempi, wonke asekela uDavide ngenhliziyo ephelele.* 34 KwaNafetali kwakunezinduna ezingu-1 000, kanye nazo kwakunamadoda angu-37 000 aphatha amahawu amakhulu nemikhonto. 35 KwabakwaDani, ababelungele impi babengu-28 600. 36 Kwa-Asheri, ababelungele impi babengu-40 000.
37 Kwabavela ngaphesheya kweJordani, + abakwaRubeni, abakwaGadi nohhafu wesizwe sakwaManase, kwakunamasosha angu-120 000 ayenazo zonke izinhlobo zezikhali zempi. 38 Bonke laba babengamadoda empi, alungele impi, ayemi ngezinhlu zawo; eza eHebroni ngenhliziyo ephelele ezobeka uDavide ukuba abe inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli, futhi wonke u-Israyeli owayesele wayehambisana nganhliziyo-nye nokuba uDavide abe inkosi. + 39 Ahlala lapho noDavide izinsuku ezintathu, edla ephuza, ngoba abafowabo babewalungiselele. 40 Nalabo ababeseduze kwawo, ngisho nalabo ababekude le kwa-Isakare, kwaZebhuloni nakwaNafetali, babeletha ukudla bekulayishe ezimbongolweni, emakamelini, eminyuzini nasezinkomeni—izinto ezenziwe ngofulawa, izigaxa zamakhiwane agxishiwe nezamagilebhisi omisiwe, iwayini, amafutha, izinkomo nezimvu eziningi kakhulu, ngoba kwakujatshulwe kwa-Israyeli.