uJobe
23 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngisho nanamuhla ngisazoqhubeka ngikhononda; +
Amandla ami aphelile ngenxa yokububula kwami.
3 Ukube nje bengazi ukuthi ngingamtholaphi uNkulunkulu! +
Bengizoya endaweni ahlala kuyo. +
4 Bengiyokwethula udaba lwami phambi kwakhe,
Ngiveze wonke amaphuzu angivunayo;
5 Bengiyoyilalela impendulo yakhe,
Ngikunake akushoyo kimi.
6 Ingabe ubeyosebenzisa amandla akhe amakhulu ukuze alwisane nami?
Lutho! Nakanjani ubeyongilalela. +
7 Lapho, phambi kwakhe, udaba loqotho luyoxazululwa,
Futhi uMahluleli wami uyongithola ngingenacala.
8 Kodwa uma ngiya empumalanga, akekho lapho;
Noma ngibuyela emuva, angimtholi.
9 Lapho esebenza kwesobunxele, angikwazi ukumbona;
Ube esephendukela kwesokudla, kodwa nalapho angimboni.
10 Kodwa uyayazi indlela engiyithathile. +
Ngemva kokuba esengivivinyile, ngiyophuma nginjengegolide elingaxutshiwe. +
11 Izinyawo zami zizilandele eduze izinyathelo zakhe;
Ngihambe endleleni yakhe ngangaphambuka. +
12 Angizange ngisuke emyalweni wezindebe zakhe. +
Ngenze okungaphezu kwalokho abekudinga kimi.*
13 Uma ezimisele ukwenza into, ubani ongamelana naye? +
Uma efuna ukwenza okuthile, uyakwenza. +
14 Ngoba uyokufeza ngokuphelele enginqunyelwe kona,*
Futhi unezinto eziningi ezifana nalezi engqondweni yakhe.
15 Yingakho ngikhathazekile ngenxa yakhe;
Lapho ngicabanga ngaye, ngizwa ngishaywa uvalo.
16 UNkulunkulu ungenze ngaba netwetwe,
UMninimandla Onke ungenze ngesaba.
17 Kodwa angikathuliswa ubumnyama
Noma amafu amnyama amboze ubuso bami.