Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 Samuweli 31
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

1 Samuweli Okuphakathi

      • Ukufa kukaSawule namadodana akhe amathathu (1-13)

1 Samuweli 31:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 14:52; 29:1
  • +1Sa 28:4; 2Sa 1:21; 1 IziKr. 10:1-5

1 Samuweli 31:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:2
  • +1 IziKr. 8:33

1 Samuweli 31:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 1:4, 6

1 Samuweli 31:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “bangihlukumeze.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 17:26; 2Sa 1:20
  • +1 IziKr. 10:4

1 Samuweli 31:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 26:10; 1 IziKr. 10:13

1 Samuweli 31:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 28:19; 1 IziKr. 10:6, 7

1 Samuweli 31:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ababesethafeni eliphansi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 13:6

1 Samuweli 31:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 28:4; 31:1; 2Sa 1:6; 1 IziKr. 10:8-12

1 Samuweli 31:9

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “emathempelini.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 1:20
  • +Hlu 16:23

1 Samuweli 31:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 17:11; Hlu 1:27

1 Samuweli 31:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 11:1, 9-11

1 Samuweli 31:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 21:12
  • +2Sa 2:4, 5

Okunye

1 Sam. 31:11Sa 14:52; 29:1
1 Sam. 31:11Sa 28:4; 2Sa 1:21; 1 IziKr. 10:1-5
1 Sam. 31:21Sa 13:2
1 Sam. 31:21 IziKr. 8:33
1 Sam. 31:32Sa 1:4, 6
1 Sam. 31:41Sa 17:26; 2Sa 1:20
1 Sam. 31:41 IziKr. 10:4
1 Sam. 31:51Sa 26:10; 1 IziKr. 10:13
1 Sam. 31:61Sa 28:19; 1 IziKr. 10:6, 7
1 Sam. 31:71Sa 13:6
1 Sam. 31:81Sa 28:4; 31:1; 2Sa 1:6; 1 IziKr. 10:8-12
1 Sam. 31:92Sa 1:20
1 Sam. 31:9Hlu 16:23
1 Sam. 31:10Jos 17:11; Hlu 1:27
1 Sam. 31:111Sa 11:1, 9-11
1 Sam. 31:132Sa 21:12
1 Sam. 31:132Sa 2:4, 5
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 Samuweli 31:1-13

Eyokuqala KaSamuweli

31 AmaFilisti ayelwa no-Israyeli. + Amadoda akwa-Israyeli awabalekela amaFilisti, amaningi abulawa eNtabeni iGilibowa. + 2 AmaFilisti amhlala ezithendeni uSawule namadodana akhe, abulala uJonathani, + u-Abhinadaba noMaliki-shuwa, amadodana kaSawule. + 3 Impi yaba nzima kuSawule, abacibisheli bamthola futhi bamlimaza kabi. + 4 Ngemva kwalokho uSawule wathi esikhonzini esiphatha izikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho ungigwaze ngayo, ukuze laba bantu abangasokile + bangafiki bangigwaze bangiphathe ngesihluku.”* Kodwa isikhonzi esiphatha izikhali zakhe asivumanga, ngoba sasesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo. + 5 Lapho isikhonzi esiphatha izikhali zakhe sibona ukuthi uSawule usefile, + naso sawela phezu kwenkemba yaso safa. 6 Ngakho uSawule, amadodana akhe amathathu, isikhonzi esiphatha izikhali zakhe nazo zonke izinceku zakhe, bafa bonke ngalolo suku. + 7 Lapho abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini* nababeseJordani bebona ukuthi amadoda akwa-Israyeli abalekile nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya amadolobha abo babaleka; + ngemva kwalokho kwafika amaFilisti ahlala kuwo.

8 Ngakusasa, lapho amaFilisti eza ezohlubula ababulewe, athola uSawule namadodana akhe amathathu bedindilizile eNtabeni iGilibowa. + 9 Ngakho amnquma ikhanda, amhlubula izembatho zakhe zempi, athumela umyalezo kulo lonke izwe lamaFilisti ukuze lezi zindaba azimemezele + ezindlini* zezithixo zawo + nakubantu. 10 Ngemva kwalokho abeka izembatho zakhe zempi endlini yemifanekiso ka-Ashitoreti, abethela isidumbu sakhe odongeni lwaseBheti-shani. + 11 Lapho abantu baseJabeshi-gileyadi + bezwa ngalokho amaFilisti ayekwenze kuSawule, 12 wonke amaqhawe asuka ahamba ubusuku bonke afike asethula isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe odongeni lwaseBheti-shani. Abuyela nazo eJabeshi afike azishisa khona. 13 Ngemva kwalokho athatha amathambo abo + awangcwaba ngaphansi kwesihlahla somthamariske eJabeshi, + azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela