Numeri
7 Ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele, + waligcoba + walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, i-altare nazo zonke izinto zalo. + Lapho esezigcobile futhi wazingcwelisa lezi zinto, + 2 izikhulu zakwa-Israyeli, + izinhloko zezindlu zoyise, zenza umnikelo. Lezi zikhulu zezizwe ezazengamele ukubhaliswa, 3 zaletha phambi kukaJehova umnikelo wazo wezinqola eziyisithupha ezivalekile nezinkabi ezingu-12, inqola eyodwa ezikhulwini ezimbili nenkunzi* eyodwa yesikhulu ngasinye; zakuletha phambi kwetabernakele. 4 UJehova wathi kuMose: 5 “Yamukela lezi zinto kuzo, njengoba zizosetshenziswa ekwenzeni inkonzo yetende lokuhlangana, kufanele uzinike amaLevi, ngamunye ngokwalokho akudinga emsebenzini wakhe.”
6 Ngakho uMose wazamukela izinqola nezinkomo, wazinika amaLevi. 7 Izinqola ezimbili nezinkomo ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngokwalokho okwakudingeka emisebenzini yawo; + 8 izinqola ezine nezinkomo ezingu-8 wazinika amadodana kaMerari ngokwalokho okwakudingeka emisebenzini yawo, eqondiswa u-Itamari indodana ka-Aroni umpristi. + 9 Kodwa amadodana kaKohati akawanikanga lutho ngoba imisebenzi yawo yayihilela inkonzo yendawo engcwele, + futhi ayethwala izinto ezingcwele emahlombe awo. +
10 Manje izikhulu zaletha umnikelo wazo ekuvulweni *+ kwe-altare ngosuku elagcotshwa ngalo. Lapho izikhulu ziletha umnikelo wazo phambi kwe-altare, 11 uJehova wathi kuMose: “Ngezinsuku ezilandelanayo, isikhulu ngasinye ngosuku ngalunye sizoletha umnikelo waso wokuvulwa kwe-altare.”
12 Owaletha umnikelo wakhe ngosuku lokuqala kwaba uNaheshoni + indodana ka-Aminadaba wesizwe sakwaJuda. 13 Umnikelo wakhe kwakuyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli* angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, *+ kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 14 indebe* eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 15 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka komnikelo oshiswayo; + 16 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 17 okomhlatshelo ohlanganyelwayo, + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba. +
18 Ngosuku lwesibili uNethaneli + indodana kaZuwari, isikhulu sakwa-Isakare, waletha umnikelo. 19 Waletha umnikelo wakhe oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 20 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 21 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 22 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 23 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaNethaneli indodana kaZuwari.
24 Ngosuku lwesithathu, isikhulu samadodana akwaZebhuloni, u-Eliyabe + indodana kaHeloni, 25 saletha umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 26 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 27 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 28 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 29 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + yizinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Eliyabe + indodana kaHeloni.
30 Ngosuku lwesine, isikhulu samadodana akwaRubeni, u-Elizuri + indodana kaShedewuri, 31 saletha umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 32 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 33 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 34 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 35 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Elizuri + indodana kaShedewuri.
36 Ngosuku lwesihlanu isikhulu samadodana akwaSimeyoni, uShelumiyeli + indodana kaZurishadayi, 37 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 38 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 39 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 40 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 41 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaShelumiyeli + indodana kaZurishadayi.
42 Ngosuku lwesithupha, isikhulu samadodana akwaGadi, u-Eliyasafa + indodana kaDehuweli, 43 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 44 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 45 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 46 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 47 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Eliyasafa + indodana kaDehuweli.
48 Ngosuku lwesikhombisa isikhulu samadodana akwa-Efrayimi, u-Elishama + indodana ka-Amihudi, 49 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 50 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 51 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 52 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 53 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Elishama + indodana ka-Amihudi.
54 Ngosuku luka-8 isikhulu samadodana akwaManase, uGamaliyeli + indodana kaPhedazuri, 55 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 56 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 57 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 58 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 59 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaGamaliyeli + indodana kaPhedazuri.
60 Ngosuku luka-9 isikhulu + samadodana akwaBhenjamini, u-Abhidani + indodana kaGidiyoni, 61 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 62 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 63 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 64 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 65 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Abhidani + indodana kaGidiyoni.
66 Ngosuku lweshumi isikhulu samadodana akwaDani, u-Ahiyezeri + indodana ka-Amishadayi, 67 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 68 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 69 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 70 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 71 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Ahiyezeri + indodana ka-Amishadayi.
72 Ngosuku luka-11 isikhulu samadodana akwa-Asheri, uPhagiyeli + indodana ka-Okirani, 73 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 74 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 75 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 76 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 77 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaPhagiyeli + indodana ka-Okirani.
78 Ngosuku luka-12 isikhulu samadodana akwaNafetali, u-Ahira + indodana ka-Enani, 79 senza umnikelo waso oyindishi eyodwa yesiliva enesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha esisodwa sesiliva esinesisindo esingamashekeli angu-70 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, + kokubili kugcwele ufulawa ocolekile oxutshwe namafutha, womnikelo wokudla okusanhlamvu; + 80 indebe eyodwa yegolide enesisindo esingamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 81 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa newundlu elilodwa leduna elingakawuqedi unyaka, komnikelo oshiswayo; + 82 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono; + 83 okomhlatshelo ohlanganyelwayo + izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu namawundlu amahlanu angamaduna, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Ahira + indodana ka-Enani.
84 Lona kwakuwumnikelo wokuvulwa + kwe-altare wezikhulu zakwa-Israyeli ngesikhathi ligcotshwa: izindishi ezingu-12 zesiliva, izitsha ezingu-12 zesiliva, izindebe ezingu-12 zegolide; + 85 indishi ngayinye yesiliva inesisindo esingamashekeli angu-130, isitsha ngasinye sinesisindo esingamashekeli angu-70, lonke isiliva lezitsha lingamashekeli angu-2 400 ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele; + 86 izindebe ezingu-12 zegolide ezigcwele impepho, ngayinye inesisindo esingamashekeli ayishumi ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele, lonke igolide lezindebe lingamashekeli angu-120. 87 Zonke izinkomo zomnikelo oshiswayo zaziyizinkunzi ezingu-12, izinqama ezingu-12, amawundlu angamaduna angu-12, ngalinye linonyaka owodwa ubudala neminikelo yako yokudla okusanhlamvu, namazinyane ezimbuzi angu-12 omnikelo wesono; 88 zonke izinkomo zomhlatshelo ohlanganyelwayo zaziyizinkunzi ezingu-24, izinqama ezingu-60, izimpongo ezingu-60 namawundlu angamaduna angu-60, ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo wokuvulwa + kwe-altare ngemva kokugcotshwa kwalo. +
89 Noma nini lapho uMose engena etendeni lokuhlangana eyokhuluma noNkulunkulu, + wayezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesembozo + somphongolo wobuFakazi, livela phakathi kwamakherubi amabili; + uNkulunkulu wayekhuluma naye.