Eyokuqala YeziKronike
5 Lawa amadodana kaRubeni, + izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuthi wangcolisa umbhede kayise, *+ ilungelo lakhe lobuzibulo lanikwa amadodana kaJosefa, + indodana ka-Israyeli, ngakho akafakwanga ohlwini lozalo njengofanelwe yilungelo lobuzibulo. 2 Nakuba uJuda + ayemkhulu kunabafowabo futhi lowo owayezoba umholi avela kuye, + ilungelo lobuzibulo lalingelikaJosefa. 3 Amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli kwakunguHanoki, uPhalu, uHezironi noKarmi. + 4 Indodana* kaJoweli kwakunguShemaya, uShemaya wazala uGogi, uGogi wazala uShimeyi, 5 uShimeyi wazala uMika, uMika wazala uRewaya, uRewaya wazala uBhali, 6 uBhali wazala uBhera, lowo inkosi yase-Asiriya uThiligati-philineseri + eyamyisa ekudingisweni; wayeyisikhulu sabakwaRubeni. 7 Abafowabo ababefakwe ohlwini lozalo ngokwemindeni yabo, ngokozalo lwabo, kwakunguJeheyeli oyinhloko, uZakariya, 8 uBhela indodana ka-Azazi oyindodana kaShema oyindodana kaJoweli, owayehlala e-Aroweri + kuze kufike eNebo naseBhali-mehoni. + 9 Indawo ayehlala kuyo empumalanga yayize ifike lapho kuqala khona ihlane eMfuleni i-Ewufrathe, + ngoba imfuyo yabo yayisiningi ezweni lakwaGileyadi. + 10 Ezinsukwini zikaSawule balwa namaHagiri bawanqoba, ngakho bahlala ematendeni abo kuyo yonke indawo esempumalanga yeGileyadi.
11 Inzalo kaGadi yayihlala eduze kwabo ezweni laseBhashani kuze kuyofika eSaleka. + 12 EBhashani uJoweli wayeyinhloko, uShafamu engowesibili, kukhona noJanayi noShafati. 13 Abafowabo bezindlu zoyise kwakunguMikayeli, uMeshulamu, uSheba, uJorayi, uJakani, uZiya no-Ebhere, sebebonke babeyisikhombisa. 14 Lolu uzalo luka-Abhihayili oyindodana kaHuri oyindodana kaJarowa oyindodana kaGileyadi oyindodana kaMikayeli oyindodana kaJeshishayi oyindodana kaJahido oyindodana kaBuzi. 15 U-Ahi oyindodana ka-Abhidiyeli oyindodana kaGuni, wayeyinhloko yendlu yoyise. 16 Babehlala eGileyadi, + eBhashani + nasezindaweni ezingaphansi kwalo,* nakuwo wonke amadlelo aseSharoni kuze kuyofika lapho ephela khona. 17 Bonke babefakwe ohlwini lozalo ezinsukwini zenkosi yakwaJuda uJothamu + nasezinsukwini zenkosi yakwa-Israyeli uJerobowamu. *+
18 AbakwaRubeni, abakwaGadi nohhafu wesizwe sakwaManase babenamaqhawe anamandla angu-44 760 ebuthweni labo ayephethe amahawu nezinkemba ehlome ngeminsalo,* ayeqeqeshiwe empini. 19 Balwa namaHagiri, + uJethuri, uNafishi + noNodabi. 20 Bathola usizo lapho belwa nabo, kangangokuba bawanqoba amaHagiri nabo bonke ababenawo, ngoba bacela ukuba uNkulunkulu abasize kuleyo mpi futhi wabasiza ngoba babethembele kuye. + 21 Bathumba imfuyo yabo—amakamela angu-50 000, izimvu ezingu-250 000 nezimbongolo ezingu-2 000—kanye nabantu abangu-100 000. 22 Baningi ababulawa ngoba nguNkulunkulu weqiniso owayelwa. + Bahlala endaweni yabo kwaze kwafika isikhathi sokudingiswa. +
23 Inzalo yohhafu wesizwe sakwaManase + yayihlala ezweni kusukela eBhashani kuya eBhali-hermoni naseSeniri naseNtabeni iHermoni. + Babebaningi. 24 Lezi kwakuyizinhloko zezindlu zoyise: U-Eferi, u-Ishi, u-Eliyeli, u-Aziriyeli, uJeremiya, uHodaviya noJahidiyeli; babengamaqhawe anamandla, amadoda odumo nezinhloko zezindlu zoyise. 25 Kodwa abathembekanga kuNkulunkulu wokhokho babo, bafeba nonkulunkulu bezizwe zakulelo zwe, + uNkulunkulu ayezibhubhisile. 26 Ngenxa yalokho uNkulunkulu ka-Israyeli washukumisa inkosi yase-Asiriya uPhuli + (okuwukuthi inkosi yase-Asiriya uThiligati-philineseri +) ukuba idingise abakwaRubeni, abakwaGadi nohhafu wesizwe sakwaManase ibalethe eHala, eHabori, eHara nasemfuleni iGozani, + lapho behlala khona kuze kube namuhla.