Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Jeremiya 40
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Jeremiya Okuphakathi

      • UNebuzaradani ukhulula uJeremiya (1-6)

      • UGedaliya umiswa phezu kwezwe (7-12)

      • UGedaliya wakhelwa uzungu (13-16)

Jeremiya 40:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 39:9; 52:12, 13
  • +Jos 18:21, 25

Jeremiya 40:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 50:7

Jeremiya 40:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 39:11, 12

Jeremiya 40:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:22; Jer 39:13, 14; 41:2
  • +2Kh 22:12, 13; Jer 26:24
  • +2Kh 22:8

Jeremiya 40:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 20:1; 1Kh 15:22

Jeremiya 40:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:22; Jer 39:10

Jeremiya 40:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:23
  • +2Kh 25:25
  • +Jer 41:11, 16; 43:2
  • +Jer 42:1, 2

Jeremiya 40:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:24; Jer 27:11

Jeremiya 40:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ukuze ngime phambi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 39:10

Jeremiya 40:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 41:10
  • +Jer 41:2

Jeremiya 40:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:22

Okunye

Jer. 40:1Jer 39:9; 52:12, 13
Jer. 40:1Jos 18:21, 25
Jer. 40:3Jer 50:7
Jer. 40:4Jer 39:11, 12
Jer. 40:52Kh 25:22; Jer 39:13, 14; 41:2
Jer. 40:52Kh 22:12, 13; Jer 26:24
Jer. 40:52Kh 22:8
Jer. 40:6Hlu 20:1; 1Kh 15:22
Jer. 40:72Kh 25:22; Jer 39:10
Jer. 40:82Kh 25:23
Jer. 40:82Kh 25:25
Jer. 40:8Jer 41:11, 16; 43:2
Jer. 40:8Jer 42:1, 2
Jer. 40:92Kh 25:24; Jer 27:11
Jer. 40:10Jer 39:10
Jer. 40:14Jer 41:10
Jer. 40:14Jer 41:2
Jer. 40:162Kh 25:22
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Jeremiya 40:1-16

UJeremiya

40 Leli izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngemva kokuba uNebuzaradani + induna yonogada emkhululile eRama. + Wayemthathile waya naye eRama eboshwe ngozankosi, ephakathi kwabo bonke abantu baseJerusalema nabakwaJuda ababedingiswa beyiswa eBhabhiloni. 2 Induna yonogada yamthatha uJeremiya yathi kuye: “UJehova uNkulunkulu wakho wabikezela ngale nhlekelele eyehlele le ndawo, 3 uJehova uyilethile njengoba nje asho, ngoba nina nonile kuJehova, anililalelanga izwi lakhe. Yingakho nehlelwe yile nhlekelele. + 4 Namuhla ngiyabakhipha ozankosi abasezandleni zakho. Uma uthanda ukuya nami eBhabhiloni, asihambe, ngizokunakekela. Kodwa uma ungathandi ukuya nami eBhabhiloni, ungahambi. Bheka! Lonke izwe liphambi kwakho. Hamba uye nomaphi lapho ukhetha ukuya khona.” +

5 Lapho uJeremiya esangabaza ukubuyela emuva, uNebuzaradani wathi: “Buyela kuGedaliya + indodana ka-Ahikamu + indodana kaShafani, + lowo inkosi yaseBhabhiloni emmise phezu kwamadolobha akwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma uye nomaphi lapho ukhetha ukuya khona.”

Induna yonogada yamnika ukudla nesipho yase imdedela. 6 Ngakho uJeremiya waya kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa + wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.

7 Ngokuhamba kwesikhathi zonke izinduna zamabutho empi ezazikulo lonke izwe namadoda angaphansi kwazo, zezwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayimise uGedaliya indodana ka-Ahikamu phezu kwezwe nokuthi yayimmise phezu kwamadoda, abesifazane nezingane kubantu abampofu bezwe, ababengadingiselwanga eBhabhiloni. + 8 Ngakho zeza kuGedaliya eMispa. + Kwakungu-Ishmayeli + indodana kaNethaniya, uJohanani + noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumeti, amadodana ka-Efayi umNethofa noJezaniya + indodana yomMahakhati, zikanye namadoda angaphansi kwazo. 9 UGedaliya indodana ka-Ahikamu indodana kaShafani wafunga kuzo nasemadodeni angaphansi kwazo, wathi: “Ningesabi ukukhonza amaKhaledi. Hlalani ezweni nikhonze inkosi yaseBhabhiloni, kuzonihambela kahle. + 10 Mina ngizohlala eMispa ukuze nginikhulumele* kumaKhaledi eza kithi. Kodwa nina kufanele niqoqe iwayini, izithelo zasehlobo namafutha nikufake ezitsheni zenu nihlale emadolobheni eniwathathile.” +

11 Wonke amaJuda ayekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi nalawo ayekuwo wonke amanye amazwe, ezwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayivumele abathile ukuba basale kwaJuda nokuthi yayimise phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu indodana kaShafani. 12 Ngakho wonke amaJuda aqala ukubuya kuzo zonke izindawo ayehlakazekele kuzo, eza ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa. Aqoqa iwayini nezithelo zasehlobo okuningi kakhulu.

13 UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi ezazikulo lonke izwe, beza kuGedaliya eMispa. 14 Bathi kuye: “Awazi yini ukuthi uBhahalisi, inkosi yakwa-Amoni, + uthume u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale?” + Kodwa uGedaliya indodana ka-Ahikamu akazange abakholwe.

15 UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma noGedaliya ngasese eMispa wathi: “Ngifuna ukuhamba ngiyobulala u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, akekho umuntu ozokwazi. Kungani kufanele akubulale futhi kungani bonke abantu bakwaJuda ababuthanele kuwe kumele bahlakazeke, nabasele kwaJuda bashabalale?” 16 Kodwa uGedaliya + indodana ka-Ahikamu wathi kuJohanani indodana kaKhareya: “Ungayenzi leyo nto, ngoba amanga lawa owashoyo ngo-Ishmayeli.”

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela