AmaHubo
Kumqondisi. Ngenothi elithi “Ungachithi.” Elika-Asafa. + Ingoma.
75 Siyakubonga Nkulunkulu, siyakubonga;
Wena unathi, +
Abantu bamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
2 Ngoba uthi: “Lapho sengibeke isikhathi sokwahlulela,
Ngahlulela ngobulungisa.
3 Lapho umhlaba nabo bonke abahlala kuwo kuncibilikiswa,
Yimi engaqinisa izinsika zawo.” (Sela)
4 Ngithi kwabaqhoshayo: “Ningaqhoshi,”
Nakwababi: “Ningaqhoshi ngamandla enu.*
5 Ningaqhoshi ngokuthi ninamandla amakhulu.*
Noma nikhulume ngokuzikhukhumeza.
6 Ngoba ukuphakanyiswa akuveli
Empumalanga noma entshonalanga noma eningizimu.
7 Ngoba uNkulunkulu unguMahluleli. +
Wehlisa omunye aphakamise omunye. +
8 Ngoba kukhona indebe esandleni sikaJehova; +
Iwayini ligaywe kahle, likhihlika ingwebu.
Ngokuqinisekile uyolithulula;
Bonke ababi abasemhlabeni bayoliphuza lize liphele nya.” +
9 Kodwa mina, ngiyomemezela ngakho lokhu kuze kube phakade;
Ngiyomdumisa* uNkulunkulu kaJakobe.